Lapho kwaqala khona iqembu le: Grandmothers Against Poverty and Aids Group (GAPA)

U-Alicia Mdaka usixoxela ngokuthi i-GAPA yaqala kanjani nanokuthi iyishintshe kanjani impilo yakho.

‘UMa wakho kumele ajoyine ukwesekelwa kweqembu’

©Eric Miller

Lo no nhlala kahle ingane yami uPhyllis wayehamba kuye wamtshela ukuthi angilethe mangabe ephinda eyembona. Wathi kumele ngiye kwiqembu lokwesekwa. Ngalesosikhathi uProfesa Monica Ferriera nabanye babesenza ucwaningo nge mpilo yo gogo base Ningizimu ye Afrika.

Lekwakuyindlela yalaba Profesa yokusiza nathi ngoba sabatshela ngobomi bethu. Leli qembu lokusekwa la qala e Michael Mapongwana Hospital eKhayelitsha. Maliqala leliqembu sasiyi sikhombisa, bese abathu balandela emuveni kwalokho, manje siyishumi.

Sahlanganisa ama R10 bese savula ikhadi lase bhangi ngegama le qembu lethu i-GAPA, ukuze sikhona ukuze masithola imali siyifake khona. Leli gama elithi GAPA salikhetha ngokucophelela, ngenxa yezinkinga esibhekene nazo.

Yini esidingayo ukuze sifunde

©Eric Miller

Maseliqala likhula iqembu lethu saqala ukuhlanganela emakhayeni ethu, kanye nge sonto, futhi samema abanye ogogo ukuthi baze kwimihlangano yethu. Lamaqembu sawa biza ngokuthi ama- psychosocial groups, lapho sasikhuluma ngezinkinga esibhekene nazo emakhaya.

Kulaqembu safunda ukuthi izifo ezifana ne HIV ukuthi zisebenza kanjani, nanokuthi kumele senze njani mengabe ingane zethu zibuya esibhedlele zithi zinaleligciwane. Mawuzwa izinto ezikanje kulula ukuthi uthukuthele, ngenxa yokuthi uthukile, kodwa lokhu akusizi ngalutho ngoba izingane zethu ziyasidinga. Ngakho ke kwamele sifunde ngabusha ukuthi sizokwazi ukunakekela izingane zethu kangcono.