Izinhlobo zezinkukhu ezingonhlosombili zikulungele kokubili ukukhiqizwa kwamaqanda nenyama. Izinhlobo eziningi zingaphansi kwalo mkhakha, kumbandakanya amaBlack Australops, amaNew Hampshire namaWhite Leghorn.
Izinkukhu ze-Australop zakhiwa e-Australia ngeminyaka yama-1900 ngokufuya izinkukhu zeBlack Orpington ngendlela ethe phecelezi. Ama-Australia, empeleni, aguqula lolu hlobo lwaseBritain ekubeni yinkukhu yombukiso yabayisilomo esithengiswayo. Izinkukhu zokuqala zeBlack Australop zafika eNingizimu Afrika ngeminyaka yawo-1910. I-Ningizimu Afrika igqame ngokwenza lolu hlobo lube mibalabala.
Ziyizinkukhu ezinhle zenyama, zisho ngamaqhude akhulile asisindo siwu-3,9 kg kuya 4,7 kg nezikhukhukazi eziyisisindo esiwu-3,7 kg kuya ku-4,5 kg. Kuthiwa ziqinile futhi zingabazaleli bamaqanda abaphambili, zizalela amaqanda awu-250 amakhulu kahle, ansundu ngokuphaphathekile ngonyaka.
Izinkukhu zeNew Hampshire zakhiwa ngeRhode Island Reds futhi zamukelwa njengohlobo oluzimele eMelika ngo-1935. Izinkukhu zokuqala zalolu hlobo zafika eNingizimu Afrika ngo-1947 ngokweSouth African Show Poultry Organisation.
Lolu hlobo lwakhethelwa ukukhula masinyane, ukuthomba ngokushesha, ukumila izimpaphe luseluncane nokukhiqiza amaqanda amakhulu ansundu. Amaqhude akhulile anesisindo esiwu-3,5 kg, izikhukhukazi zibe zinesisindo esiwu-2,6. Abanye abafuyi bathi lolu hlobo lunamasotsha omzimba angcono nekhono lokukhiqiza amaqanda amaningi kunezinye izinhlobo zezikhukhukazi ezithengiswayo.
I-White Leghorn ingolunye uhlobo oludala lwezinkukhu ezaziwayo ngabantu. Zadabuka eNtaliyane futhi zazibizwa ngamaNtaliyane kwaze kwaba 1865, emva kwalokho zabe seziqanjwa kabusha kwathiwa amaLeghorn eMelika. I-Leghorn eNingizimu Afrika iguquguqukile kusukela ngabo-1940 ithengwa eNgilandi, eDenmark, e-Australia, eNew Zealand, eMelika naseJalimane. Lezi zinkukhu zakhiwe futhi zafuywa isikhathi eside ukuze zihambisane nezimo nezidingo zase-Afrika.
AmaWhite Leghorn ngokomdabu afuyelwa ukuzalela futhi asengenye yezinsika zezikhukhukazi ezithengiswayo. AmaQhude asinda abengu-3,5 kg uma esethombile, izikhukhukazi zibe zisinda okuthi akubewu-3 kg ngale nkathi.
Translated by Zoza Shongwe