Izilwane Nezihlahla zase Robben Island

Ukuphazamiseka Kwemvelo

©Roger de la Harpe
Isiqhingi lesi sishisa okwesihogo ehlobo, besesiba yiqhwa ebusika. Phambi kokufika koluntu esiqhingini, uhlaza lwakhona kwabe kuwutshani imvamisa nezihlahlanyana ezincane.
Yonke imithi esibonwa khona manje yatshalwa ngabantu eminyakeni ewu 500, ukwenza isiqhingi sibe yikhaya.
Esinye sezizathu zokugqoza kohlaza khona yingoba isiqhingi asikaze sibe nommumatho wamanzi owanele. Akukho mifula noma izihosha, kuba nje amachitshanyana amanzi.
Ekufikeni kwabantu kuso, amanzi ayehlala eshoda njalo izindlu zazakhiwa ngendlela yemiphongolo yokulonda amanzi.
Eminyakeni yamanje kube sekwakhiwa isiphehli manzi ukuze kwenyuswe izinga lokutholakala kwamanzi, nokho kusewugwadule kuleyomvelo engakwazi ukuphila ngamanzi olwandle.
Kunomuzwa wokuthi ayiguquleki kalula iRobben Island. Uluntu luzamile ukutshala kuyo amasundu ukuyiphucula (manje asegobiswe ngumoya) nokutshala ama bougainvillea emagcekeni aluthuli.
Kodwa nanxa kunjalo isiqhingi sisemanhlembethwane sigabisa ngobuhle bamagebhugebhu baso.

Izilwane zentaba ziyinaha

©Roger de la Harpe
Izilwane zemvelo zakhona imvamisa ziqukethe izilwane zamanzi, njengonogwajwa bolwandle, izinyoni zolwandle no phengwini. Nezinyoka zakhona esiqhingini. Zonke lezi ezinye izilwane eseziphila khona zalethwa uluntu. Namhlanje kunezinyala eziwu 15, Zindluzela zase Europe eziwu 200, nezinyamazane eziningi nezintshe ezimbalwa. Kugcwele nonogwaja, namagundane nezinkwe.
Isiqhingi siyeza ngezilwane zasendle. Onogwaja bazicashela badlale emafokozini, nezinyamazane zicanase kamnandi ezweni elingabiyelwe. Nalapho ungaziboni kodwa kuyakucacela zikhona yonke indawo. Ezinye ziwela enkundleni yebhola lombhoxo nophengwini bedlala emgwaqeni, abeqa ngendlela okungesiyo ehlelelwe bona. Nezinyoni ziningi, kunohlobo olubalelwa ku 74 lwezinyoni, ezindiza ogwini oluvulekile lolwandle.
Okuqapheleka kakhulu ngophengwini bohlobo lwase-Afrika. Baba yisixongololo osebeni maduze nechweba, baziyele la bethanda khona. Umhlali osehlale khona ngaphezu kweminyaka ewu 20 uthi, ezinsukwini zakudala ophengwini babengacanasi ngoba babazi ukuthi bangazithuka sebesebhodweni likajele oxakwe yiphango. Manje sebesiphethe isiqhingi, babalelwa ku 13 000 omancanyane laba abaphila khona.

Translated by Sbonelo Ngema