Hawkfish

© Johan Boshoff

Igama eligqamile kulo mndeni

I-Hawkfish

Igama lazo lesayensi

Cirrhitidae

Usayizi

Ifikela ku30 cm, ivamise ukuba ngu15 cm.

Ukubukeka

Umzimba mude futhi mkhulu okunekhanda. Imiyeko yezigwedlo mikhulu kunejwayeleke kwezinye izinhlanzi. Inobulephulephu phezu komhlane. Imibala yayo ihlukahlukene isukela komhlophe, obomvu, owolintshi nonsundu. Inamachashaza nemigqa emzimbeni.

Imininingwane Ejwayelekile

Umndeni weCirrhitidae unamalungu ayisishiyagalolunye nezinye ezihlobene nayo eziwu-32. Ihlala cababa onqenqemeni lwamatshe ngezigwedlo, njengokhozi. Izigwedlo zayo ziqinile futhi ziyakwazi ukuwenza ungapheshulwa amanzi anamandla. Ezesifazane zibuye ziguquke zibe ezesilisa uma ezesilisa zifa.

Ezikudlayo

Zidla izinhlanzi ezincane nezinkalankala.

Ukuzalana

Kwenzeka kuwona wonke amazinga olwandle nomhlaba wonke.

Ezaziwayo Kulolu Hlobo

Freckled hawkfish - Paracirrhites forsteri
Longnose hawkfish - Oxycirrhites typus
Horseshoe hawkfish - Paracirrhites arcatus