Goldie Rockcod

© Johan Boshoff.

Igama

Rockcod/Groupers – Goldie

Isiteketiso

Fairy bassletts

Igama lesayensi

Anthiinae

Ubude

Ejwayelekile ingamasentimitha ayi-12, kodwa iyafika kwangama-25.

Ibonakale ngani

Le nhlanzi icishe ifane ne-goldfish ehlala emanzini angenawo usawoti. Umehluko wuthi yona inemibala egqamile ophinki, o-olintshi, ophuzi noluhlaza sazibhakabhaka. Eyesilisa inemibala egqame kakhulu nomsila omkhudlwana omise okocwezwana lenyanga.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi obizwa nge-Anthiinae unemikhakha engama-25 nezinhlobo ezingama-80. Lezi zinhlanzi zifakwa emndenini owodwa nama-bass nama-groupers. Zivame ukubonakala zihamba ziyizixuku ezindaweni ezinamatshe olwande.
Zijwayele ukuhamba ngemindeni eneyesilisa ekhonyayo nezesifazane ezimbili kuya kweziyi-12. Ezesilisa zinesikhwele futhi zinolaka. Zonke lezi zinhlanzi zizalwa ziyisifazane. Eyesifazane eyodwa iyashintsha ibe yisilisa uma kufa eyesilisa ekhonyayo. Uma zizalela amaqanda ziyawasaphaza.

Ukudla

Zidla amashebenisi, izinkalankala nezinye izilwanyana ezincane ezigugulwa amanzi.

Indawo

Le nhlanzi itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga aphezulu.

Izinhlobo ezejwayelekile

Harlequin goldie - Pseudanthias connelli
Threadfin goldie - Nemanthias carberryi
Sea goldie - Anthias squamipinnis