Galjoen
Inhlanzi emnyama

© Jean Tresfon

Igama

Galjoen

Isiteketiso

Inhlanzi emnyama

Igama lesayensi

Dichistiidae

Ubude

Ejwayelekile ingamasentimitha awu-40, ingakhula ize ifike kwawu-80.

Ibonakala ngani

Lena yinhlanzi enomzima omise okwesikwele nomsila onqindekile. Izigwedlo zale nhlanzi zinameva aqhoshile. Inamazinyo amancane amise okwamageja. Le nhlanzi iyakwazi ukushintshashintsha imibala ngokushesha. Iyakwazi ukuba mnyama uma isezindaweni ezinamatshe noma ibe yisiliva ngokusathusi uma isendaweni enesihlabathi.

Ulwazi olwejwayekelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Dichistiidae uwumkhakha owodwa onezinhlobo ezimbili. Le nhlanzi yaziwa ngengenhlanzi yaseNingizimu Afrika. Olunye uhlobo lwale nhlanzi, olunemigqa, lona luvame ukuba luncane. Ivame ukutholakala ezindaweni ezinamadwala lapho amagagasi ephahlazeka khona. Le nhlanzi itshuza ngamandla emanzini. Iyatholakala nasemanzini angenasawoti. Uma izalela amaqanda, iyawasaphaza olwandle.

Idlani

Le nhlanzi igwinya ezinye izinhlanzi ezincane namashebenisi. Idla nezinye izilwane zasemanzini ezingenamathambo ezinjengezimbaza neminyundu

Itholokala kuphi

Le nhlanzi itholakala eningizimu-mpumalanga yolwandle i-Atlantic naseNingizimu Afrika.

Izinhlobo ezejwayelekile

I-Galjoen
I-Dichistius capensis
I-Banded galjoen
I-Coracinus multifasciatus
I-Galjoen
I-Dichistius capensis