Flame Lily

© Graham Cooke

Igama

Flame Lily

Igama lesiLatini

Gloriosa superba

Incazelo

Imifino enamahlamvu akhanyayo namathipu abambelela kwisihlahla eziseduze. Ngale ndlela lesi sitshalo sisebenzisa ezinye izitshalo njengeqhame. Lesi sitshalo ukukhula kwaso kusuka kwi-tuber engaphansi komhlaba, sivame ukusinda ngenkathi eyomile.

Kodwa iziqu ezihluma izithelo ziyezife makufika lenkathi. Izigcebe zembali zinjengamalangabi. Lezi zimbali zime ngathi yikheji. Umbala wazo uwolintshi, nophuzi ongathi uhlangane noluhlaza, nemibala ebomvu kumkhawulo. I-African Flame Lily ikhula ize ibe yimitha elilodwa ubude.

Lapho zikhula khona

I-African Flame Lily ikhula emadwaleni noma emahlathini aphansi. Ikhetha ama-savanna namahlathi. Ikhula esizundazweni ezisenyakatho eNingizimu Afrika, eZimbabwe, East Afrika, naseKruger National Park.

Olunye ulwazi

I-Flame Lily yimbali yesizwe sase Zimbabwe. Ngenkathi indlovukazi Queen Elizabeth ivakashela leli lizwe ngo-1947, bamupha i-brooch eyakhiwe nge-Flame Lily. Noma kunjalo e-Australia le mbali ibonwa njengesitshalo esinobungozi, ngoba sisakazeka ngokungabambeki, futhi sinobuthi obubulala izilwanyana.