Boomslang
I-Boomslang
Igama
Boomslang [Dispholidus typus]
Nhloboni
Reptilia
Mkhakha muni
Squamata
Mndeni muni
Colubridae
Ezinye izinhlobo zayo
Yize ngaphambilini zazihlukaniswe ngezinhlobo ezimbili, manje sekunohlobo olulodwa.
Ubude beyesifazane
1 260 mm
Ubude beyesilisa
1 290 mm
Ibonakala ngani
I- Boomslang yinyoka enkulu enenhloko engajwayelekile namehlo amakhulu. Imibala yayo iyehlukahlukana. Zingaba luhlaza njengotshani noma zibe mnyama obunobumpunga. Zinamazenge amnyama noma abomvu ngasesiswini nombala oyiwolintshi.
Zande kuphi
Lezi zinyoka zitholakala kakhulu emazweni aseningizimu ne-Afrika. Kuleli zande kakhulu enyakatho-mpumalanga yezwe nasogwini lolwandle lwaseCape Town.
Mayelana nokuzala
Zenza abantwana entwasahlobo kanti zibekela amaqanda ayi-10 kuya kwayi-14 emigodini embeke ezihlahleni nomalapho kewelekhona amaqabunga ezihlahla ehlobo. La maqanda ziwafukamela izinyanga ezimbili kuya kweziyathu.
Ushevu
Inoshevu oyingozi obangela ukuthi igazi lime ukugijima emzimbeni. Le enyoka inamahloni akuvamisile ukuthi ilume. Iyalenza-ke lelo phutha uma ingenayo indlela yokubakela, isuke izivikela.
Zidla nhloboni yokudla
Zidla izinyoni, izinkalankala nezinwabu.