Bateleur Eagle
Ukozi Olunsundu

© Nigel J Dennis
Bateleur Eagle.

Igama

Ukozi Olunsundu [Terathopius ecaudatus]

UKhozi olunsundu ludume kunazo zonke izinkozi ezidla izinyoka. Igama elithi Bateleur liyisiFrench kanti lisho ukuthi ‘umahamb’entanjeni eqinile’. Leli mhlawumbe lakhethwa ngenxa yemigilingwane yokundiza kwalo.

Ukubukeka kwalo

Izimpaphe zalo zimnyama bhuqe bese liba mhlophe ngaphansi kwamaphiko. ubuso nemilenze yalo kubomvu ngokugqamile kanti umlomo walo omnyama. Lwehlukile kunezinye izilwane; izikhukhukazi zokhozi olunsundu zinkudlwana kunamaqhude. Izimpaphe zechwane lokhozi olunsundu olunonyaka owodwa zinsundu sakuba mnyama zonke. Ngonyaka wesithathu yilapho izimpaphe zechwane ziqala khona ukujika zibe nemibala yezindala emnyama, emhlophe nempunga. Ukhozi olumnyama lunamaphiko amade ngokungajwayelekile nesisila esifishane, kuthi izinyawo zeluleke zedlule isisila uma lindiza. Amehlo ansundu alolu khozi azungezwe yisikhumba esibomvu ngokugqamile ebusweni obungenamaqubu. Imilenze ibomvu tebhu njengobuso, ungathi umfaniswano wobuciko. Izimpaphe ezingasekuqaleni ephikweni lesikhukhukazi zinsundu, ekubeni izimpaphe zesibili ephikweni zimpunga.

Ukudla

Izinkozi ezinsundu zichitha amahora ayi-8 kuya kwayi-9 usuku nosuku esemoyeni ethungatha ukudla. Ukudla kwawo yinyamazane, amagundwane, izinyoni, izinyoka, ingcuba, izibankwa nokubulewe emgaqweni.

Ukuzalela

Isikhukhukazi sizalela iqanda elilodwa esidlekeni esizinze esihlahleni esikhulu, esiphephile. Umama ufukamela iqanda ekubeni ubaba eqoqa ukudla nezinti zokwakha isidleke. Kwezinye izikhathi, kuyenzeka, ubaba afukamele. Emuva kokufukamela izinsuku ezingama-52 kuya kwangama-59, ichwane lokhozi olunsundu luyachamiseleka. Emuva kwezinsuku eziyi-110, ichwane liyaphuma esidlekeni, kodwa liyaqhubeka lemukele ukudla kubazali balo ezinye izinsuku eziyi-100. Angamaphesenti amabili kuphela amachwane ezinkozi ezinsundu afinyelela ebudaleni.

Isimilo

Iqhude nesikhukhukazi sezinkozi ezinsundu ziganana impilo yazo yonke futhi zihlale esidlekeni esisodwa inqwaba yeminyaka. Ezinye izinkozi ezikhulile ezingonkom’idlayodwa ziyabonakala kwesinye isikhathi duze nesidleke. Ukhozi olungunkom’idlayodwa kaluxoshwa yilezi eziganeneyo futhi aluncedisi ekwakheni esidlekeni. Ukhozi olumnyama luvame ukubonakala lundiza lushesha lushwibeka okuyindlela eliyithandayo yokuzingela. Izinyoni zingandiza amamayela angama-300, noma amahora ayisishiyagalombili, zithungatha ukudla. Ngenxa yobubanzi bendawo eziyindizayo ngosuku, isibalo sezinkozi ehlane ezweni lazo lenkaba ezansi kweSaharan Afrika sicatshangelwa ukuthi siphezulu, kodwa isibalo sazo siyancipha endaweni yazo. Ukuthandana kwazo kuwumbukiso emoyeni. Iqhude lindiza lishone phansi esikhukhukazini. Isikhukhukazi siqethuka ngomhlane, sikhiphe amazipho siwase phambili bese siyaphenduka sizilungise ngenkathi iqhude lidlula ngesivinini. Zindiza ngokulandelana zishona phansi zibuye ziphenduphenduke sakuginqika emoyeni. Zibuye zibhakuzise amaphiko ngomsindo omkhulu. Lo msindo ungazwiwa ngabantu ebangeni eliqhelile. Konke lokhu kungalandelwa wukukhala okukhulu. Izinkozi ezinsundu zibheka ilanga. Zima ziqonde mpo bese zivula amaphiko abheke emaceleni, zime njengokhozi olungumafavuke lwensumansumane yasemandulo, bese ziyajika zilandele ilanga.

Indawo ezitholakala kuyo

Ukhozi olunsundu lutholakala ezindaweni eziningi e-Afrika eseningizimu yogwadule iSahara lapho kungenamahlathi khona. Lufuna indawo evulekile enotshani neminga. Luncishisiwe noma lushatshalisiwe ezindaweni eziningi ezansi ne-Afrika.