Baboon
Isidawana

© Roger de la Harpe

Igama

Isidawana [Papio sp.]

Zidla nhloboni yokudla

Isidawana isona silwane esikhulu emdenini yezimfene, enobuso obufana nobenja obukhulu, namazinyo amakhulu angaphambili. Isidawana sidl\a yonke inhlobo yokudla kusukela enyameni kanye nezithelo. sikhonze ukudla isibankwa, izinyoni namaqanda azo. Sikukhonzile ukubulala amazinyane asanda kuzalwa. Sizikhonzile futhi nezitshalo esingabala kuzo utshani, imbewu, izithelo, izinkowankowane, kanye nezintuthwane, izibungu, zidle nabantwana beMpala.

Zitholakala kuphi

Isidawana sihlala ezindaweni ezisehlathi nasendaweni ezisogwadule zibuye zitholakale nasezintabeni zokhahlamba. Zichitha isikhathi esiningi zihamba phansi. Zivamise ukucaca izihlahla uma zibalekela izilwane ezizesabayo noma uma zifuna ukudla noma ebusuku. Ziyalala kwesinye isikhathi emadwaleni amakhulu ezintabeni. Izingane zazo ziyathanda ukuqwala izintaba uma zidlalisana zodwa. Kunezinhlobo ezimbili kuphela zeSidawana ezitholakala eAfrika, iChacma baboon eyase Ningizimu Afrika neYellow Baboon eyaseMpumalanga neAfrika.