Amazambane eAfrika Ahlasela Ukuvutha

© Uwe Thobae

Akuhlobene nezambane lasekhaya, amazambane asendle e-Afrika (i-Hypoxis hemerocallidea) ahlotshaniswa nentebe futhi isitshalo esiqinile kakhulu esingahlaselwa isomiso esidabuka eNingizimu Afrika. Sikhula ezindaweni ezinemvula yasehlobo zaseNingizimu Afrika futhi zinezimbali eziphuzi ezisankanyezi- ezinamaqabunga ezinwele.

Abahlengikazi besintu baye bakusebenzisa njengomuthi wokuphatha ukubhuda, 'igazi elibi' (esifweni sikashukela), i-PMS kanye nokubulala izinto eziphila ngokudla emzimbeni wezinye. Ukusetshenziswa okuvamile kufaka amafutha angena ngokujula ukuphatha izimpawu ezihambisana nesifo esibanga ukuqaqamba kwamalungu omzimba, i-psoriasis ne-fibromyalgia.

Iwusizo ekulweni nezifo zesikhumba ezifana ne-eczema, i-acne, izibazi, ukushiswa, umqubuko, izilonda zombhede, ama-warts,ukunwebuluka komzimba, ukushisa kwelanga, ukulunywa izinambuzane kanye nesikhumba esomile.

Isithako esisebenzayo, i-hypoxoside, sithathwe emthonjeni wempande. Ikuqukethe i-sterol ne-sterolin eningi okungase kuhlasele ukuvutha nokuvimba amagciwane.

Esenzweni esifana ne-cortisone singase sivuselele umonakalo wesicubu futhi selaphe inhlungu zomsipha. Iphinde isebenze ukulwisa ukulumbana kwe oksijini okungase kube nomthelela wokuhlehlisa ukuguga. Imikhombandlela iye yasikisela nokuthi amazambane ase-Afrika asiza ekuphatheni i-HIV/Aids, umdlavuza kanye nesifo sofuba.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.Translated by Nsika Khoza