African Weasel
Inyengelezi

© Nigel J Dennis

Igama

Inyengelezi [Poecilogale albinucha]

Ibonakala kanjani

Ubude bekhanda nomzimba bulinganiselwa ku300mm, kuthi umsila ube ngu 175mm. Isisindo seNyengelezi sisuka ku250 kuya ku350gram. Inomzimba omncane olulekile ngobude nezinyawo ezimfishane. Inemigqa emhlophe ehambisana nomzimba ngobude ethe ukubamnyama ngokugqamile. Besekuthi ikhanda nomsila kubemhlophe.

Zidla nhloboni yokudla

Inyengelezi idla izilwanyana ezifana namagundane, amaphuphu enyoni awa ezidlekeni, iphinde idle nezintuthwaneyize ingavamile. Uma izingela igabe ngokuluma lezilwanyana emva komqala bese izicindezele ngezinyawo zangaphambili itibile kuso size siphelelwe ngamandla. Ngemumva kwalokho ibe isizihudulele emuva isephule ngaphambi kokusishwabadela sesiyimvithi.

Mayelana nokuzala

iNnyengelezi izala ingane eyodwa ngokushintsha kwezinkathi onyakeni. Kuyenzeka inani lezingane lifinyelele kwezintathu. IziNyengelezi zenza izingane ngentwasahlobo nasehlobo. Ikhulelwa izinsuku ezingama-32, ingane iqala ukuhluma amazinyo umuva kwezinsuku ezingama-35. Amehlo avuleka uma seyinezinsuku ezingama-52 ubudala. iNyengelezi isuke isindala uma isinamasonto angama-20 ubudala kepha emva kwamasonto ayi-13 isuke isinalo ikhono lokuzingela.

Indlela eziphila ngayo

IziNyengelezi zinokutholakala zihamba ngamaqembu amancane kusukela kwamabili kuya kwamane, kepha lokhu kuvamise ukwenzeka umakuyisikhathi sokwenza izingane noma zikhulisa izingane. Kodwa zona izilwane ezingakuxwayile ukuziphilela ngokuhlukana ngokobulili.

Indawo ezikhonze ukuhlala kuyo

Zikhonze ukuhlalala endaweni enotshani futhi eswakeme, noma emahlathini lapho imvula ivamise ukuna khona. Indawo ezihlalal kuyo kubalulekile ukuthi ibenezilwanyana ezifana namangundwane amaningi ukuze zingabulawa indlala. IziNyengelezi azandile kakhulu, lokhu kukudalwa ukukhinyabekzeka kwendawo zazo zokuhlala ngengxa yokuguquguquka kwesimo sezulu.

Zitholakala kuphi

INyengelezi iyatholakala ezindaweni ezisempulanga yaseNingizimu neAfrika, ukunyukela enyakatho ziphinde zitholakale maphakathi neAfrika. Zitholakala ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika ukungabalwa kuzo isifundazwe, Kwa-Zulu Natal, Mpumalanga, Gauteng kuya eNorthen Province.