African Rock Python
Inhlwathi

© Shem Compion

Igama

Inhlwathi [Python sebae]

Nhloboni

Reptilia

Mkhakhamuni

Squamata

Mndeni muni

Boidae

Izinhlobo ezahlukene zezinhlwathi

Kunezinhlobo ezimbili: Inhlwathi [Python sebae sebae] kanye neFundamo [Python sebae natalensis]

Ubude beyesifazane

5,0 m

Ubude beyesilisa

4,25 m

Ibonakala ngani inhlwathi

Inhlwathi yiyona nyoka enkulu kunazo zonke izinyoka e-Afrika. Inomlobo ongathi wumkhonto okhakhayini nemigqa ekhanyayo nemyama edwebeke ukusuka esweni kuya emlonyeni. Umzimba umpunga okunokuhlaza okotshani, ubunsundu obumnyamana, nemigqa ekakwe okumnyama sengathi kiyaphupha ngaphezulu

Zande kuziphi izindawo

Inhlwathi yande kakhulu emazweni aseningizimu ne-Afrika. Iyatholakala nasemazweni amaphakathi uze ufike nasemazweni aseNtshonalanga ne-Afrika. Lolu olunye uhlobo lwayo okuthiwa ifundamo lutholakala eKenya kwehle njalo kuze kuyofika eNingizimu Afrika nalapho lutholakala khona ezindaweni ezikoLowveld nasezindaweni ezigudle ulwandle Kwazulu-Natal. Ziyatholakala naseLimpopo kuze kufike naseLobatse eBotswana naseNorthen Cape.

Mayelana nokuzala

Inhlwathi yesifazane ibeka amaqanda alinganiselwa kuma-30 kuya kuma-50. Amaqanda ayo athanda ukuba yindilinga. Eyesifazane iyaye igoqane emaqandeni yenzela ukukuwavikela kodwa kayiwafukameli uma igodole. Emuva kwezinsuku ezingama-65 kuya kuma -80 la maqanda ayachamisela.

Idla nhloboni yokudla

Inhlwathi idla izinyamazane ezincane, izimfene, izinyoni, nezilwane ezifuywe emakhaya. Iyazidla nezinhlanzi, oxamu nezingwenya.

Olunye ulwazi

Inhlwathi kayinawo ushevu. Ibulula ekudlayo ngokukuthandela, ikufohloze ikukhame.