White-Tailed Mongoose

© Roger de la Harpe

Igama

I-White-tailed Mongoose [Ichneumia albicauda].

Ibukeka Kanjani

Awukho umehluko okhona ngesidumbu phakathi kobulili, isimo somzimba siyafana. Ubude bemizimba wu-1.1m kanti ubukhulu wu-4.3kg. Simnyama isikhumba, kanti imisila ihlukile inoboya obude, obumhlophe. Imilenze imnyama, eyangaphambili ibonakala ngathi mifishane kuneyangemuva.

Idlani

Ukudla kwe-White-Tailed Mongoose kuqukethe ikakhulukazi izinambuzane, izinhlwabusi nokunye okuningi okubalwa kukho amaxoxo, amagundane nezinyoka.

Azalana Kanjani

Azala ichwane elilodwa noma amathathu emva kokumitha izinyanga ezimbili. Azala ngoNovemba, ehlobo.

Aphila Kanjani

I-White-tailed mongoose ihlala yodwa, kodwa ingahlala emindenini encane.

Indawo Yokuhlala

I-White-Tailed mongoose ihlala emapulazini anamanzi amaningi nasezimfundeni.

Atholakala Kuphi

Asabalale eNingizimu Afrika ezingxenyeni ezisempumalanga yeNyakatho Kapa, eMpumalanga naseMonti.

Eminye Imininingwane

Enye into eyaziwayo ngayo, yimikhuba yayo yasebusuku. Ibanga umsindo ozwakala kakhulu ngesikhathi sokukhwelwa. Futhi zifaka izinto ezingcolile ezinqeni, okuyindlela yokuzivikela.