Waterbuck
Iphiva

© Roger de la Harpe

Igama

Iphiva

Libonakala Kanjani

Lena ngenye yezinyamazane ezinkulu kuleli. Izinkunzi zinobude obuwu-1.4m, kusukela esisindweni esiwu-260kg. Ezesifazane zincane ngomzimba. Iphiva linoboya obunsundu buthande ukuba mpunga.
Amehlo akakwe wumbala omhlophe kube nombala omhlophe phansi komqala. Linombala omhlophe ozihlukanisayo kwezinye namadlebe amakhulu ayindilinga. Awesilisa kuphela azinezimpondo ezinkulu ezigobile phambili. Ubulili bobili bukhipha iphunga elibi elisala nalapho zilala khona.

Adlani

Lidla utshani eduze kwezindawo ezinamanzi. Abuye adle izihlahla uma utshani bungatholakali. Liyawadinga amanzi kanti liwaphuza nsuku zonke.

Azala Kanjani

Isikhathi sokuzalisana kuba yisebusika, kodwa kuyenzeka kancane phakathi nonyaka. Emva kokumitha izinyanga eziyisishiyagalolunye lizala ithole elilodwa amaphahla.
Amaphiva azala kakhulu ehlobo. Amasonto ambalwa ithole lifihlwa esikhotheni noma etshanini ngaphambi kokuthi lihambe nonina.

Aphila Kanjani

Lezi zinyamazane ziyathanda ukuhamba ngobuningi. Inkunzi ekhonyayo ivikela indawo. Amathole, ezesifazane nezingakakhuli kahle kuyahlangana kuba wumhlambi.
Lo mhlambi awuhlukahlukani ngokuya kwezinsuku ngoba ayakwazi ukusuka komunye umhlambi aye komunye kalula. Ayakwazi ukubhukuda uma esenkingeni, angena emanzini ajulile uma ebaleka. Atholakala eyimihlambi eko-30.

Ahlala Kuphi

Atholakala ezindaweni ezinamanzi, namahlathi anomswakama notshani obuhle obuluhlaza obuphakathi nendawo noma obude. Kwezinye izikhathi like libonakale ezindaweni ezivulekile.

Atholakala Kuphi

ENingizimu Afrika atholakala lapho amanzi ezitamkoko ephumela khona eMpumalanga, aphinde atholakale eLimpopo nasenhla nesifundazwe iKwaZulu-Natali. Asanda kulethwa eziqiwini zase-St Lucia naseThala KwaZulu-Natali

Adliwa Yini

Izimpisi, amabhubesi, izingwe okuyizona eziwadla kakhulu, bese kuthi izingulule, izingwenya nazo ziyalidla iphiva.

Amaphuzu Abalulekile

Igama lesiLathini: Kobus ellipsiprymnus
Isisindo selesifazane: Wu-205g kuya kuya ku-250kg
Isisindo selesilisa: Wu-250kg kuya ku-270kg
Ubude belesifazane: Wu-210cm
Ubude belesilisa: Wu-210cm
Isikhathi sokuphinga: Izinyanga eziyisishiyagalolunye
Inani lamazinyane: Elilodwa
Uhlobo: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae
Ubude bezimpondo: Wu-75cm
Ukuzala: Amazinya azalwa noma nini onyakeni.

Izinselo

Imilobo yezinselo ihambisana neminyaka nobulili. Ezinye zinkulu zibe buthuntu ezinye zibe zicije.