Vredefort Ngenkathi Yamatshe (Stone Age)

© David Fleminger

Kamuva Inkathi Yamatshe

Ngesidlangalazi esidumile se-Cradle of Humankind World Heritage esendaweni engamakhilomitha ayikhulu kuphela enyakatho yeVredefort, kungacatshangwa ngokucophelela ukuthi abantu babekhona endaweni yaseDome isikhathi eside, mhlawumbe ngisho nezigidi zeminyaka. Kuze kube manje, akukho mathambo noma izilokazane osekwaguquka kwabayitshe okutholakala esifundeni saseVredefort.
Ukubandakanya ngqo kwezinhlobo zethu neDome kungalandelwa ngenkathi yasemuva (phakathi kuka-25 000 no-20 000 eminyakeni edlule). Ubufakazi bendawo yokuhlala busabalele, ngoba indawo ayizange igukwe. Noma kunjalo, kutholakale izinhlangano zamathuluzi wamatshe emadongeni aseVaal, eduze kwebhuloho laseSchoemansdrift, nasepulazini uParson's Rus.
Amathuluzi ahlanganisa inkemba, amazembei, izikhuculuzi namathuluzi ocwecwana. Umhume epulazini i-Buffelskloof uqukethe nobufakazi bokuhlala komuntu ngezikhathi ezithile, futhi kungenzeka ukuthi isetshenziswe eminyakeni yobudala. Amasayithi amaningana okudweba kwamadwala iziChwe nawo ahlonziwe.

Translated by Nsika Khoza