Spotted Hyena
Impisi

© Roger de la Harpe

Igama

Impisi (crocuta crocuta)

Incazelo Ngempisi

Okukhulu ngempisi wukuthi idla ithathela ezinye izilwane ukudla okubulawe ezinye izilwane, kepha manje sekuyaziwa ukuthi iyazingela. Ukuma kwayo kabi nomsindo ewenzayo ongathandeki nokuhamba kabi yimbangela yokuthi idume kabi impisi. Kudala kwakucatshwanga ukuthi ihlobene nezinja kepha akusenjalo njengoba isifaniswa namakati.
Impisi iyaziwa ngomsindo wayo osakuhleka ongeke wawudidanisa nalutho ebusuku ehlathini lase-Afrika. Inekhanda elikhulu, iphakeme ngenhla bese yehla ngasemuva, inekhono elikhulu lokuhogela iphunga. Ezesifazane yizona ezinesikhundla esikhulu emihlambini kanti futhi zinomzimba omkhulu kunezesilisa. Ezesifazane kusuka emahlombe ziphakeme ngo-850 mm nesisindo esiwu-70 kg.

Izimpawu Ezibalulekile Ezibonakala Ngazo

Igama leMpisi lesiLathini: Crocuta crocuta
Isisindo seyesifazane: Wu-56 kg kuya ku-80 kg
Isisindo seyesilisa: Wu-46 kg kuya ku-79 kg
Ubude beyesifazane: Wu-1,5 m
Ubude beyesilisa: Wu-1,5 m
Isikhathi esikhulelwayo: Yizinyanga eziwu-3,5
Inani lemidlwane eyizalayo: Iba mibili kuya kwemine
Iminyaka eqala ukuzala ngayo: Iminyaka emibili kuya kwemithathu
Isisindo uma izalwa: Wu-1,5kg
Iyinhloboni yesilwane: Idla inyama kuphela
Umdeni: Hyaenidae
Igijima ijubane elingakanani: Wu-60 km/h

Zidla Nhloboni Yokudla

Ongoti abaninga bathi lesi silwane sidla inyama kuphela, Nendlela eziphilisana ngayo iyaheha. Kudala kwakucatshangwa ukuthi impisi iyigwala kepha kuyavela manje ukuthi impisi yisona silwane esinamandla ekuzingeleni. Iyakweba noma idle izinsalela zezinye izilwane. Umhlambi wezimpisi ukwazi ukuxosha amabhubesi khona uzokwazi ukuwaphuca ukudla.
Imihlambi yezimpisi iyakwazi ukuzizingelela futhi iyakwazi ukunakekela izidingo zokudla kwazo. Zidla ezinye izilwane zibuye zidle nemidlwane yazo. Zikwazi ukujaha izinyamazane zigijima ngejubane eliwu-60km/h ibanga eliwu-3km. Izingela izinyathi, izinyamazane. Uma umhlambi wazo umkhulu, uye uphumelele.

Zizalana Kanjani

Zizala noma ngasiphi isikhathi sonyaka. Imitha izinyanga ezintathu kuya kwezine, izala imidlwane emibili ngesikhathi. Imidlwane inesisindo esingamaphawondi amathatha uma iqeda ukuzalwa. Ayinikezwa ukudla ize ibe nezinyanga ezwu-12 kuya kweziwu-13 ngoba isuke inceliswa. Imidlwane ikhuliselwa emigodini lapho zihlala khona ngemihlambi.
Izimpisi zesilisa azibambi qhaza ekukhuliseni imidlwane, zimbalwa ezesilisa ezivunyelwe eduze kwalapho kunemidlwane khona. Eyesilisa ephethe umhlambi yiyo ezilusa kakhulu.

Indlela Eziphila Ngayo

Ziphila ebusuku. Uzithola zilele ezikhotheni emini noma emigodini eshiywe ezinye izilwane. Izimpisi ziphila ngemihlambi zivikela indawo yazo kwamanye amaqembu. Kujwayelekile ukuthi amaqembu ahlukane enze amanye amaqembu amasha.

Imizila Yezinyawo Zempisi

Inobhozo abane ezinyaweni zangaphambili nezasemuva, obhozo banezinzipho ezimfishane ezinkulu. Obhozo abakhulu babonakala ezinyaweni zangaphambili. Impisi enombala inkulu kunempisi ensundu.

Zitholakala Kuphi

Zithanda ukuhlala ezikhotheni ezomile, ezivulekile. Azisekho ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika ngaphandle kwaseSkhukhuza, eKruger- naseKalahari- gemsbok National Park, eLimpopo nasezindaweni ezisenyakatho yeKwaZulu-Natali.