iVredefort Ngokhulunyaka Lamashumi Amabili

© David Fleminger

Isifunda saseVredefort

Ngemuva kweMpi Ye-Anglo-Boer yesibili iphelile, umnotho wesifunda saseVredefort wabhujiswa. Abalimi abaningi babuyela emasimini ashile futhi amakhulu abasebenzi basepulazini abamhlophe (amaBywoners) babehluphekile. Ngomzamo wokwandisa inzuzo yendawo, uhulumeni waqala izinhlelo eziningi zokusebenza kanye nengqalasizinda yathuthukiswa ngabasebenzi bendawo.
Ibhuloho phezu koMfula iVaal eParys lakhiwa ngo-1915. Izitimela zandiswa. Imigwaqo ithuthukisiwe. Izakhi zakhiwe.Amafemu akhiwa.Izinhlelo zokunisela nazo (njengeDaal Dam neBarrage). Kancane kancane, isimo saba ngcono kwezolimo nakwezohwebo zaqala ukuphumelela. Namuhla, i-Parys indawo yomlimi othuthukile, okhiqiza ummbila, ugwayi, ubhekilanga, amantongomane nezinkomo. Ukuvakasha nakho kuyisimo esibalulekile esiletha imali.

I-Apartheid Esabekayo

Ikhulu leminyaka lamashumi amabili laletha nalo udaba lobandlululo, futhi abasebenzi basepulazini abamnyama babengenaso isikhathi esilula. Icala elibi kakhulu lihilela abantu baseMachaviestad, ngasePotchefstroom.
Izakhamuzi zaseMachaviestad (ingxenye yesizwe saseBarolong) zazihlala khona kusukela ngo-1840, kanti u-Andries Potgieter 'wabanikeza leli zwe, njengendlela yokubonga kwakhe ngokusekela kwabo ekulweni neMatabele. Kodwa-ke, ngawo-1920, abalimi abamhlophe babengajabuli ngabantu abanda abamnyama emnyango wabo futhi kwenziwa imizamo embalwa ukuze bahambe. Kodwa AbeBarolong bema beqinile futhi benqaba ukuthutha.

Kukhishwe Ngokuphoqelekile

Ekugcineni, ngo-1971, uHulumeni kanye noMkhandlu weDolobheni lasePotch bafika waba lukhuni futhi besongela ukuthi basuswe ngokuqinile. AbeBarolong bavuma futhi bathunyelwa eRoigigond, ngaseMafikeng, ezweni lakubo iBophuthatswana. Eminyakeni engamashumi amathathu eyalandela, balwa ukubuyisela umhlaba wabo eMachaviestad, kodwa kwakungekho lutho.
Ngokujabulisayo, emva kokhetho lwentando yeningi luka-1994, inkathi entsha yaqala futhi kwakhulunywa ngendaba kaMachaviestad. Ngalesi sikhathi, kuvunyelwene ukuthi umkhandlu uzothenga umhlaba kusukela kubanikazi bawo bamanje (abamhlophe) bese ubuyisela kubantu baseBarolong. Ngo-28 ka-Mbasa 1995, kanye nonyaka owodwa emva kokhetho, imindeni yokuqala kweziyikhulu nashumi yabuyela eMachaviestad.

Translated by Nsika Khoza