Isifo Sohudo Okumelene neziNgulube

©Glenneis Kriel
Isifo sohudo inkinga enkulu engabangela ukufa kwezingulube uma izingulube ezithintekayo zingelashwa. Abalimi kufanele babheke izibonakaliso zokuhuda, njengobulongwe obusamanzi, ngaphambi kokuhlanza indlu.Igazi lingase libe iminciminci, enobumpunga, ophuzi, ohlaza, ogazini kanye nephunga elingavamile.
Ngokwencwadi yokuchasisa ye-South African Pork Producers Organisation (SAPPO), I-Pigs for profits, uhudo luvame ukubonakala kuzingane zengulube, kodwa lungenzeka kuzingulube zanoma buphi ubudala. Ngokuvamile kubangelwa ushintsho ekudleni, ukudla ngokweqile, ukucindezeleka kolumula, izifo noma izinto ezidla umzimba ngaphakathi.

Ushintsho Lokudla, Ukucindezeleka Kolumula Nokudla Ngokweqile

Ukuze kuvinjelwe ukucindezeleka kokulumula nokudla ngokweqile kwezingulube ezincane, I-Pigs for Profits yeluleka abalimi ukuba banike izingulube zensikazi ukudla okulinganiselayo okunempilo ukuqinisekisa ukuthi zinalo ubisi olanele lokondla izingane.Izingulube ezisanda kuzalwa kufanele zinikezwe amanani amancane okudla okuqinile kusukela ezinsukwini ezingu-21 ubudala, noma okungenani izinsuku eziyishumi ngaphambi kokulumula, ukuze zijwayele ukudla okuqinile. Ukudla kumele kuvinjelwe phakathi nezinsuku ezimbalwa zokulumula ukuvimbela abalumulli ukuba bangadli ngokweqile.
Ukudla okusha noma izithako zokudla kufanele kuqaliswe kancane kancane ngesonto noma ngaphezulu, ukuvimbela ukuguliswa kwesisu zezingulube zanoma muphii ubudala.

Izifo

I-Pigs for Profit ikhombisa izifo ezilandelayo njengezimbangela ezivamile zokuhuda:
I-Colibaccilosis ibangelwa ukugqama kwamabhaktheriya e- Escherichia coli (E.coli) futhi kuthinta izingane zezingulube phakathi kwamasonto amathathu okuqala okuphila kanye nezilumulayo.Izingulube ezithintekayo ngokuvamile zinohudoobumpunga, ophuz osamanzi, oyiminciminci njaloi ongaba negazi.Izingane zivame ukwenqaba ukudla,zingakhuthele futhi zingase zife ngenxa yokuphelelwa amanzi. Lesi sifo singabangela nokufa okungazelelwe, kungekho izimpawu ezibonakalayo zezifo.
I-Colibaccilosis iqala lapho izingulube ezincane zingenayo i-colostrum eyanele (uhlobo lokuqala lobisi olukhiqizwa izilwane ezincelisayo ngemuva kokubelethwa kwezinsana) kungakapheli amahora amathathu okuqala ngemva kokuzalwa noma lapho bengatholi ubisi olwanele oluphuma kuzingulube zensikazi. Ngakho-ke kufanele unakekele ukuqinisekisa ukuthi zithola i-colostrum ngokwanele phakathi kwamahora okuqala ngemva kokuzalwa njalo izingulube zensikazi kufanele zibe nokudla okunomsoco ukuqinisekisa ukuthi zikhiqiza ubisi obanele.
Ukucindezeleka okubangelwa ukulumula, ukushintshwa kwesondlo noma ukuxuba izingulube ezahlukene, kungabangela inkinga kuzingulube. Le nkinga inganqotshwa ngokunikeza izingulube ezincane ukudla kwemfuyo okusuka ezinsukwini ezingu-21 kuya phambili, ukuze zijwayele ukudla futhi ngokukhawulela ukondla ngezinsuku ezimbalwa zokuqala ukulumula.
Izingulube ezigulayo kufanele ziphathwe ngama-antibiotic futhi zinikezwe amanzi amaningi ukuvimbela ukuncishelwa amanzi.
I-Rotavirus yisifo sesandulela ngculaza esibangela ukuhuda kwamanzi phakathi kwamasonto amathathu okuqala ngemva kokuzalwa. Akukho insindiso.
I-Coccidiosis, ebangelwa izibungu phakathi kwamathumbu, ikakhulukazi ithinta izingulube ezincane ngesikhathi samaviki amathathu okuqala okuphila. Lesi sifo sikhombisa uhudo olumhlophe olunamagwebu futhi siyakwazi ukuphathwa ngama-antimicrobials.
I-Clostiridium iyisifo samabhakteriya esithinta izingulube ezincane ngesikhathi samasonto amathathu okuqala ukuphila. Izilwane ezithintekayo zinomhudo wegazi futhi ngezinye izikhathi ziyafa kungekho sizathu esizwakalayo. Akukho insindiso.
Isisu segazi yisifo samabhaktheriya esithinta kakhulu izingulube ezikhulayo. Lesi sifo singase sisakazwe amagundane, ngakho abalimi kufanele bagweme amagundane ezindaweni zabo zokukhiqiza. Izingulube ezithintekile zizolahlekelwa isisindo futhi umunwe wabo uvame ukululaza ngombala omnyama obumnyama. Lesi sifo singase siphathwe ngama-antibiotics.
I-Illeitis, ibangelwa amagciwane e-Lawsonia, ivame ukuthinta izingulube ezikhulayo. Izingulube ezithintekayo zihuda igazi futhi ngezinye izikhathi ziyafa ngenxa yesizathu esingacacile. Lesi sifo singelashwa ama-antibiotics.
Zonke lezi zifo zingavinjelwa ngokusebenzisa izinyathelo ezinhle zokuhlanzeka. Enye yezinyathelo zokuqala phakathi nanoma yikuphi kwalokhu kuqhuma kungaba ukususa izingulube ezigulayo kweziphilile ukuvimbela ukusakazeka kwezifo.

Izinto Eziphila Ngokudla Emzimbeni Wezingulube

Umtshumane ungabangela ukuhuda uma umningi ngenani. Ukuze uvimbe umtshumane, izingulube kufanele ziphathwe njalo futhi izakhiwo kufanele zigcinwe zihlanzekile futhi zomile.

Translated by Nsika Khoza