iRobben Island yaduma eEmhlabeni Jikelele

Isikebhe nje ukufika kuyo

©Roger de la Harpe
Umjikelezo wokuyibuka uthatha amahora amathathu kuya kwamane, ukuhlanganisa nohambo lwesikebha. Uyothola ithuba lokuxoxa nowake waba ngumboshwa, ubusebhasini ezokudlulisa la okwakunendlu ka Robert Sobukwe (owayengumholi wePAC) ayegqonywe kuyo, enkwalini, Inqaba Yombutho Wempi Yomhlaba Yesibili kunye nejele, uvakashele negumbi lika Nelson Mandela, nokho futhi uphinde uthakasele imvelo, ugu lwasentshonalanga olugcwele ophengwini nendawo la kwakwubekwe khona izibhamu zempi yesibili yomhlaba.

Uphawu lwenkululeko nokukhululeka komuntu qobo

©Roger de la Harpe
Cishe kube yiminyaka ewu 400 i-Robben Island, ewu 12 km ukusuka eKapa, ibiyindawo yokugqonywa nokudingiswa. Kulapha kanye okwakuthi labo ababekwa njengodlambedlu losombangazwe nababengomtshingwa babeyiswa khona. Eminyakeni yobandlulo i-Robben Island yaduma umhlaba wonke njengendawo lakhona uNelson Mandela nosomaqhinga be African National Congress babeboshwa khona.
Nakuba kunjalo, baningi osombusazwe abaphumelele ukuguqula lendawo ibe wuphawu lokukhululwa nolokukhululwa siqu. iRobben Island igcine isiwuphawu lokunqoba necilongo komoya woluntu phezu kobunzima obungechazwe nobutha obunuka phu!

Translated by Sbonelo Ngema