Indlela Yokuqala Ingadi yemifino Engokwemvelo

© Marinda Louw
Mix crops to limit bug infestation and to improve soils.
Umhlabathi yiyona nto ebaluleke kakhulu ekutshalweni ngokwemvelo. Ngaphambi kokuqala ingadi yemifino kuyadingeka ukuthuthukisa inhlabathi ngokungeza izinto eziphilayo. Izinto eziphilayo zisiza inhlabathi ukuthi ihleli isemanzini isikhathi eside. Inhlabathi idonsa kahle, amanzi awela kancane futhi inhlabathi ibambe umswakama isikhathi eside, ngoba kukhona izinto eziningi eziphilayo emhlabathini. Izimpande zezitshalo zikhula kangcono futhi zijule. Ukungena kwenhlabathi kangcono ezimpandeni kuheha umsundu osiza ekuqhekekeni kwezinto eziphilayo okuvundisa umhlabathi. Umoya omningi emhlabathini unikeza i-oksijeni ezimpandeni okusiza ukukhula nokuphefumula kwesitshalo.

Izinto ezingavumelekile ekulimeni ngokwemvelo zifaka umuthi obulala ukhunta noma imikhiqizo ebulala isikhunta kumbewu. eNingizimu Afrika, yonke imbewu yokuhweba iphathwa ngomuthi obulala ukhunta ukulwa nezifo ngoba kunokhunta emhlabathini. Ukwelashwa ukuvikela imbewu ngokumelene nenhlabathi enokhunta. Imbewu yendabuko kufanele isetshenziswe. Uma lokhu kungatholakali izinhlobo zembewu yempova evulekile kufanele isetshenziswe.
Ama-Genetically Modified Organisms (GMO's) awavunyelwe kwezolimo zomvelo. Umkhiqizi wemvelo udinga ukuthola isitifiketi esivela kumphakeli othi akukho mbewu ye-GMO enikeziwe. Lokhu akusebenzi nje kuphela enzalweni, nembewu kodwa nezithombo.

Ukulungiselela Imibhede Yembewu

©Eric Miller
Spier Wine Estate outside Cape Town. Women working on an organic agricultural project that is part of the wine farms programs.
Ngaphambi kokumba umsele wesivande semifino, udinga ukuqoqa imfucuza yegadini nekhishi amasonto amblwa. Yengeza inqwaba kumquba ukubola kuze kwanele. Lokhu kuhlanganiswe (ngezingqimba) nomhlabathi kumbhede wakho.Umbhede wembewu akufanele ube mkhulu kunomnyango. Qinisekisa ukuthi ugcine uhlangothi oluphezulu (olumnyama) nokuhlukanisa koluphansi; sebenzisa inhlabathi ephezlu ukuze ugcwalise isikhala sokugcina sombhede wembewu.
Abanye abalimi bangaba nezinxenye ezinkulu zomhlabathi futhi bangathanda ukutshala imifino eminingi yokudayisa. Bangakwazi ukwenza imibhede embalwa, noma imibhede ingaba yinde kuno-2 m, kepha akufanele ivuleke ngaphezu kwe-1 m.
Imibhede emifushane kulula ukunisela.
Kulula ukuhlola izitshalo uma kunezilokazane ezikhathazayo nezifo nokukhula ukhula embhedeni.
Izimila zingaba lula futhi zivikeleke kakhulu ngokumelene nezilwane nezinyoni.
Uma kungenzeka ukuba ungahambi emhlabathini embhedeni uzovimbela ukuhlanganiswa kwenhlabathi.

Translated by Nsika Khoza