Cape Hare

© Nigel J Dennis

Igama

I-Cape, Common noma umvundla onsundu [Lepus capensis]

Ukubukeka

Kunezinhlobo ezilishuminambili ze Cape Hare ezitholakala la e Afrika.
Imazi unomzimba omkhulu kunowe nkunzi isisindo sawo ngu 1.5 – 2.5kg. Isikhumba sawo sinsundu na ngwevu. Unamadlebe amade ampisholo namhlophe lokhu kubonakala kahle mengabe ugijima. I-Cape Hare, ihlukile kune Scrub Hare ngoba leyo kugcina incane ngokomzimba futhi isisu sayo asikho mhlophe.

Ukudla

Kuyangokuthi kukhonani kuleyondawo, mangabe kukhona utshani umvudla udla lona, kodwa isikhathi esiningi udla noba yini eluhlaza. Ngezinye inkathi uye udle ubulongwe baso mangabe buthambile, zibudla busesezinqeni. Masesiphinda udla ebusuku ubulongwe baso buphuma sebuqinile.

Ukuzala

I-Cape Hare ayinaso isikhathi sokuzala, izala kunoma iyiphi inyanga onyakeni, kodwa izinga lokuzala liyanyuka ngenkathi yemvula. Umvundla uzala amachwane amathathu emuveni kokuthi ubukhulelwe izinsuku ezingama 42. Amachwane aqeda ukuzalwa azwa izinto ezishukumayo emuva kwezinsuku ezimbili zizelwe. Ancela imizuzu elishumi ebusuku ngaphambi kokuthi alale, zincela amasonto amathathu. Azinasidleke. Lokhu okuncane kuzalwa kunoboya futhi sekubona, isisindo sawo singu 100g.

Ukuziphatha

I-Cape Hare ithanda ukuhlala yodwa ngesikhathi se oestrus, kodwa imivundla eyizinkunzi iye izilande isikhashane esincane. Zithanda ukuhlala kwindawo ezomile, futhi zitholakala ezindaweni ezininzi.

Zitholakala kuphi

I-Cape Hare itholaka kwizindawo eziningi emningizimu Afrika, futhi iyatholakala nase Botswana nakwezinye izindawo zase Namibia.