Yini Ukulima Ngokwemvelo?

© Surplus People Project

Ukulima okungokwemvelo kuyindlela yokulima uthuthukisa impilo yomhlabathi, ukuvikela imvelo nokuqinisekisa impilo yabantu. Abalimi basebenzisa izindlela zokulima zendabuko nezanamuhla bese behlanganisa nocwaningo ukuqinisekisa ukulinganisela kwemvelo. Ngakho-ke ukulima ngokwemvelo kusho ukusebenzisa izinto zemvelo ezingabhubhisi imvelo.
Akekho umanyolo wamakhemikhali kanye nezibulala-zinambuzane noma ukubulala ukhula okuvunyelwe. Ukulima kwemvelo kuhloswe ekwakheni imvelo enempilo, ukudla okunempilo kanye nabathengi abanempilo. Uma imvelo lapho kusetshenzwa khona imikhiqizo yezolimo inempilo, umkhiqizo uzoba unempilo futhi abathengi bayoba nempilo futhi babe nesimiso somzimba esingcono kakhulu.
Ukulima okungokwemvelo kuhluke ekulimeni okujwayelekile. Ukulima ngokwemvelo futhi uma kwenzeka usebenzisa isivundiso semvelo, kodwa abakhiqizi bafaka inayithrojeni (N) emhlabathini ngenhloso yokuthuthukisa impilo. Isivundiso ngezinye izikhathi sivela kumakhemikhali.
Ukulima okuvamile kulapho usebenzisa izindlela zokulima ezihlose ukuthola isivuno esiphezulu kakhulu. Uma kunezinhlobo eziningi zemithi yokhula nebulala izilokazane ezikhathazayo kanye nesivundiso, kusetshenziswa futhi kakhulukazi kutshalwa uhlobo olulodwa lwesitshalo, njalo kubizwa ngokuthi ukulima okuvamile.

Indlela Yokwakha Imvelo

Ngokulima kwemvelo, izitshalo ezihlukene zitshalwe ndawonye ukuze zidale ukuhlukahluka kwemvelo. Umkhiqizi wemvelo kufanele abe nezinhlobo eziningi eziphilayo eziphilayo ezikhona epulazini lakhe - izinambuzane ezihlukahlukene, izinyoni, izilwane ezincane nezilwane ezincelisayo kanye nezinhlobo ezihlukahlukene zezitshalo. Uma lokhu kuhlukahlukana kungalinganisiwe kungaba yinkinga. Ngokwesibonelo, lapho izikhova ziqedwa epulazini, amagundane angase abe yinkinga njengoba kungekho zinhlobo zemvelo ezizozilawula.
Izibonelo zezindlela zokulima ngokwemvelo zibandakanya ukushintshaniswa kwezitshalo (hhayi ukutshala isivuno esifanayo minyaka yonke enhlabathini efanayo), ukutshala kwezitshalo ezithile nezimbali eziheha izilwane eziphilayo (izinambuzane ezidla izilokazane ezikhathazayo) nokusetshenziswa kwezibulala-zilokazane zemvelo ezilwa nezifo nezilokazane.

Umkhiqizi Ofuna Ukukhiqiza Imikhiqizo

Umlimi Yemvelo kufanele abe nolwazi lalokhu okulandelayo:
Yini elindelekile kumlimi wemvelo?
Imiphi imikhiqizo evunyelwe noma engavunyelwe ekulimeni kwemvelo.
Yiziphi izindlela zokulima ezisetshenziselwa ukulima kwemvelo nokuthi kungani.
Indlela yokubhalisa / ukuqinisekisa ukuthi ungumkhiqizi wemvelo.
Indlela efanele yokuthengisa imikhiqizo yemvelo.
Umlimi wemvelo kufanele aqale athole ikhophi yezimiso ezilawula ukulima kwemvelo eNingizimu Afrika. Isitifiketi singenziwa yi-Afrisco, umgwamanda wezitifiketi waseNingizimu Afrika oqinisekisiwe ngaphansi kwe-IFOAM (International Federation of Organic Agricultural Movements). Imali izokhokhwa futhi umhloli uyokwenza ngonyaka ukuhlolwa.
Abakhiqizi abaqinisekisiwe bathola inombolo yokubhalisa kusuka ebhodini lesitifiketi futhi bangathengisa imikhiqizo yabo ngaphansi kwesigcawu esithile somzimba wesitifiketi. Ngakho-ke, bavikelwe ngumthetho futhi babhaliswe njengabakhiqizi bemvelo. Umkhiqizi akadingi ukuqinisekisa lonke ipulazi lakhe ngokwemvelo futhi akudingeki aqiniseke zonke izitshalo zakhe, kodwa kumele kube khona umehluko ocacile phakathi kwezitshalo ezivuthiwe ezijwayelekile neziqinisekile.
Kukhona isikhathi sokuguqula ekuqaleni kokulima ngokwemvelo. Yisikhathi esithatha ukusuka ekulimeni okujwayelekile kuya ekulimeni okwemvelo futhi kunqunywe imigomo yemvelo. Isikhathi sokuguquka yisikhathi seminyaka emibili ezitshalweni zonyaka ezifana nemifino kanye neminyaka emithathu ukutshala izitshalo ezifana nezihlahla zezithelo nezivini.

Translated by Nsika Khoza