Water Mongoose
Imvuzi

Igama

Imvuzi (Atilax paludinosus)

Ibonakala Kanjani

Inobude obuwu-800mm kuya ku-1 000mm. Lolu wuhlobo lwe-mongoose enkulu. Inesisindo esiwu-2.5kg kuya ku-4.2kg. Imisila yazo iwu-300mm kuya ku-410mm ubude. Imibala yazo insundu okujulile nekhala elikhanyayo. Inemizimba emifishane, umsila usongwe wuboya obude.

Izindlebe zicashe ekhanda, inekhanda elikhulu nombombo ocijile. Ubuchopho bayo obukhulu buhlangane nokwenza kwayo nangendlela ekwazi ukusebenzisa izinyawo zangaphambili ngayo. Lokhu kwenza ukuthi ikwazi ukudla izinkalankala nezinye izilwane ezinemizimba eqinile ngaphandle. Amazinyo ayo adalelwe ukuphula umzimba we-shell fish. Zishiya imizila yezinyawo ehlukahlukene.

Zidla Nhloboni Yokudla

Zidla ukudla okutholakala emanzini asolwandle njengofishi, izinkalankala, namadambi namaxoxo kodwa ayiwajwayele. Emhlabeni zidla izilwane ezincane njengamagundane kepha akwaziwa ukuthi ayazibulalela lezi noma ayazicosha.

Zizalana Kanjani

Eyesifazane izala amachwane amabili kanti iyakwazi ukuzala iphinde ngesikhathi esisodwa sonyaka. Amancane aqala ukudla emuva kwenyanga, amehlo awo nezindlebe kuvuleka emva kwezinsuku eziyishumi. Akukho okwaziwayo ngokukhwelana kwazo, kepha kuyaziwa ukuthi zizala kabili ngonyaka. Zizala kanye ngesikhathi sezimvula, ziphinde nangesikhathi sesomiso.

Eyesifazane yakha isidleke sotshani emgodini. Uma imigodi ingekho, yenza isidleke ngaphandle. Kwake kwabonakala zizala ngaphezu kwamachwane amathathu. Kwezinye izikhathi kubonakala eyesibili endala iphelezela umndeni. Ezincane zifunzwa ukudla, zihambe endaweni yokuzalwa emuva kwezinyanga ezimbalwa.

Ziphila Kanjani

Zihamba ngazodwana ebusuku ezindaweni ezingasolwandle. Yizilwane ezenza into eyodwa eba wumkhuba, zihamba endleleni eyodwa ephendlekile. Lezi zindlela zihamba ngasemifuleni zifihlwe wutshani obukhulu obuphakeme nomhlanga.
Uma ibamba izinyoni ilala ngomhlane bese kuthi indunu ephinki ibonakale igqame emzimbeni wayo onsundu. Lokhu yikhona okuheha izinyoni. Uma izizwa isengozini, yenza umsindo oqala kancane uphakamele phezulu. Uma yethukile ikhipha okusabulongo okumnyama emuva. Yenza umsindo ivule umlomo uma ineme, zithanda ukucula.

Zitholakala Kuphi

Zitholakala kakhulu eMpumalanga naseningizimu kwezindawo ezinemvula kakhulu eNingizimu Africa nase-Orange River.