Ukwethula Kwendlela Esimamisayo Ngokufuya Onogwaja

© Karoline Steenekamp

Kumakhaya amaningi eNingizimu Afrika kulokhu kuqhubeka kubanzima ukukwazi ukondla imindeni ngokwanele ngesakhamzimba iProtheni ebalulekile kakhulu ekukhuleni kahle komzimba nakwimpilo enhle afanelekile. Ngaphambi kokuthi umndeni noma umphakathi ubuke onogwaja njengokunye kokudla ongaphila ngakho, kunezinto ezimbalwa okumele zibhekwe.

Kundingakala ukuthi kubekhona ingadi yemifino enhlobonhlobo. Kubalulekile ukuthi kwenziwe ingadi ezinzile yemifino enhlobonhlobo kuqala ukuze izokondla umndeni ngezinye izidingo unyaka wonke.

Amanzi ahleli ekhona njalo.

Umpheme/Indlwana yokuvikela onogwaja kwisimo sezulu, izilwane zasendle futhi lompheme kumele unikeze unogwaja ngawojwana ukuthokomala kwendawo okuhle.

Umeluleki okuzomele abonise indlela aphinde afundise ukuqinisekisa ukuthi umlimi uyaphumelela nokuthi azikho izingcuphe zokungabaphathi kahle onogwaja ngenxa yokuthi umlimi uswele ulwazi olwanele.

Sibafuyelani Onogwaja?

Izizathu zokufuya onogwaja kubalwa kuzo lokhu kulandelayo:

Okokuqala, onogwaja bayashesha ukukhula futhi bangaqala ukuhlanganiswa ngobulili lapho sebenenzinyanga ezinhlanu kuya kweziyisishiyagalombili, ngokuya ngofuzo abenziwe ngalo bayakwazi ukuzala izingane eziningi ngasikhathi sinye kodwa akujwayelike ukuthi bazale zize zibe yishumi ngesikhathi esisodwa. Bayakwazi ukubeka babe bahlanu kuya kwabayisishiyagalombili izikhawu ezine noma eziyisithupha ngonyaka lokhu bangakwenza phakathi kweminyaka emithathu kuya kwemihlanu – kuye ngezinga nangendlela abaziphatha ngayo.

Okwesibili, onogwaja bazidingela indawana encane uma uqhathanisa nezinye izilwane ezifuyelwa inyama, banikeza umkhiqizo omkhulu wenyama kunezinye izilwane ezifuyelwa inyama. Bayakwazi ukushintsha umsoco wokudla abakudlayo kwizitshalo ube umsoco othalakala enyameni wesakhamzimba iprotheni futhi bangakhiqiza u 2.72 kg wenyama bebe kade bedla ukudla bephuza namanzi adingwa inkomo ukukwazi ukukhiqiza inyama engaba u 450 gm. Amandla abawasebenzisayo ukwengeza isisindo nge kg angaphansana kahle kwalawo adingwa imvu noma inkomo.

Onogwaja awadingi kakhulu ukudla okudliwa ngabantu yize engakusebenzisa okuqhamuka ekhishini, okulahlwa engadini kanye nokhula yize loluhlobo lokudla kungelona olunconywayo ukuthi kumiwe ngalo lodwa.

Imikhikhiqizo kaNogwaja

Onogwaja basinikeza imikhiqizo enhlobonhlobo kusukela kweyokudliwa neyokuhwebelana, futhi yonke ingandisa inani uma isetshenziswa ukukhiqiza ezinye futhi izinto. Kubalwa uboya babo obungaphinde bushukwe bomiswe ukwenza ezinye izimpahla futhi uma busezingeni eliseqophelweni eliphezulu bungabiza elihle inani. Izikhumba zezilwane ezisethenziswa kwimboni yezemfashini kumele zishukwe, zomiswe ngokwezinga lasezimbonini ezinkulu, kodwa amathoyizi, amaraki, nezimbadada kungenziwa ngezandla. Isibindi sikanogwaja singaphinde sisetshenziswe ukwenza okugcotshwa ekudleni (isishebo) kubize inani eliphezulu.
Isidumbu sikanogwaja emva kokuba usuhlunziwe sikala isisindo esizwakalayo kodwake lokhu kuncike kufuzo lwawo nokuthi uneminyaka emingaki ngesikhathi uhlinzwa, isidumbu sawo sinesisindo esingaphezudlwana ngo 50 kuya ku 65 wamaphesenti uma kuqhathaniswa nangesikhathi usaphila lapho uba nesisindo esingu 78 kuya ku 87 wamaphesenti kulesosindo usuke usukulungele ukuba ungahlatshwa udliwe.
Okokugcina, inyama kanogwaja unomsoco omukhulu futhi inambitheka kamnandi. Ihamba phambili ngenyama eshesha ukugaya isakhamzimba iphrotheni uma kuqhathaniswa nezinye izilwane zasepulazini. Inyama kanogwaja ino 21.8% weprotheni egayeka kahle kanti inkukhu yona ino 20% kuthi imvu ibe no 15.7%. Uma sibala nokunye ayinawo amafutha amaningi, cholesterol kanti icebile ngama minerali, inyama kanogwaja yinhle ukudliwa ngabantu abagulayo/abakhubazekile noma abantu abazibandakanye kwezemidlalo abaziqeqeshayo.

Translated by Nokubonga Guliwe