Ukuzaliswa Konogwaja Amaduna Namasikazi

© Judy Stuart

Amaduna (Abesilisa)

Amaduna emhlambini wakho ayizilwane eziyigugu kakhulu futhi kumele kube ezeqophelo eliphezulu kakhulu. Iduna lohlobo lungakhwela amasikazi awu-10 ngenyanga futhi ufuzo lwalo lusabalala ezixhumweni eziningi sekunokuba ozalweni lwensikazi eyodwa. Ngenyanga eyodwa lingadlulisa ufuzo kumashiyanja angu-60 kuya ku-80, kuye ngesibalo salawo azelwe nalunyuliwe.
Iduna lokuzalisa kumele kubelula ukulilawula futhi libesebhokisini elitholakala kalula. Umnyango webhokisi lakhe kumele ubemkhulu ngokwenele ukuze kubelula ukufaka nokukhipha isikazi ebhokisini. Amaduna kumele abenehhoko ngalinye. Amaduna amabili ayolwa kabi futhi aphakulane kalula. Njengoba amaduna ethanda ukufafaza umchamo komakhelwane bawo, uthango oluqinile phakathi kwamahhoko lungaba usizo olukhulu.
©Judy Stuart

Amasikazi (Onogwaja Besifazane)

Njalo nje thatha isikazi ulise eduneni. Isikazi lingunkomidlayodwa futhi licasuka kabi uma iduna lingena endaweni yalo futhi liyalidlasela uma lifohla. Uma ukhetha isikazi elizozaliswa, bheka ukuthi unazo yini izingono eziyisishagalombili zokuncelisa uhlobo olikhulu noma eziyisithupha zokuncelisa izinhlobo ezincane.
Ngaphambi kokubeka isikazi ebhokisini leduna, bheka ukuthi seliyashisa yini. Likhiphe ehhokweni lalo bese uyamphendula umbhekise phezulu ezingalweni zakho. Ngesandla esisodwa, donsa umsila walo ngesineke uwuse emumva bese utoboza ngenhla kwenkomo yakhe. Uma ubuntu balo bubuncane futhi bubomvana ngokuphaphathekile (pink), libuyisele ehhokweni, mchofoze kaninginingi kusukela ekhanda kuya emsileni ukuze umcije imizwa bese uyamhlola ngelanga elilandelayo. Isikazi eselilungele iduna livame ukudumba libebomvu ngokushubile umbala (dark purple).
Faka isikazi ebhokisini leduna bese uyabukela. Iduna lizosondela futhi ukukhwelana kuvame ukushesha. Iduna lizogibela phezu kwayo bese yona iphakamisa iqolo lisuke emgandelweni wehhoko. Lizovekuza isikhashana bese iyathunda ngokugoqana ibeyibhola eliqinile emhlane wayo bese iyawa, iqethuke noma iwe ngohlangothi. Lokhu akuvamile ukuthi kuqede umzuzu noma emibili. Linda ihlandla lesibili, susa insikazi uyibuyisele ehhokweni layo.
Ekhadini lebhokisi lensikazi (bheka ukugcinwa kwemininingwane) bhala usuku lokukhwelana, igama noma inombolo yeduna elisetshenzisiwe futhi ubhale nakudiary. Bese, emva kwezinsuku eziwu-27 mnike ibhokisi lesidleke, ligcwele izinhlanga noma utshani obomile. Izixhumo zizozalwa ngosuku luka-30 noma u-31 emva kokukhwelana futhi avama ukuzalwa ekuseni ngovivi.
Indlezane izokwakha isidleke ebhokisini lesidleke ngalokho ehlinzekwe ngakho futhi izoqothula uboya esifubeni nasesiswini sayo ukuze yendlalele izixhumo zayo. Akujwayelekile ukuthi isikazi lizale phambi kwabantu. Isikazi lizala ngokushesha bese liyazikhotha izixhumo zihlanzeke futhi liziqhelisela eceleni izixhumo ezifile. Uma sebomile uboya bazo liyazincelisa.
Amasikazi ancelisa kabili ngosuku; ekuphumeni nasekushoneni kwelanga. Kuthukela umfuyi ebona isikazi lincelisa. Lithanda ingasese lalo. Uyobana ngenqwaba yoboya obuntofontofo ebhokisini ukuthi lizincelisile izixhumo.
Khiphela ngaphandle insikazi ngokuyiheha (ngotshani, iqhuzu lesanqanti njl) bese uvula isidleke ngokucophelela, bala izixhumo bese uyabheka ukuthi azikho ezifile noma izinongwane eziwele phansi. Susa umendlalo omanzi, phind’umbese izixhumo bese uyazishiya kuze kube sekuseni kusasa.
©Judy Stuart

Translated by Zoza Shongwe