Ukuphucula Isikhumba Nokukhipha Amathumbu

© Garitzko

Isidumbu kufanele silengiswe-ikhanda phansi ukuze isisu, nezansi yezitho zokuzala, kusezingeni leso.Lengisa ngamahhuku amancane, abukhali azobhoboza imilenze yangemuva phakathi kwethenda kanye namathambo ngaphezu kwenhlangano yamathambo.
Usebenzisa ummese wokukhanda obukhali obude obungamasentimitha ayishumi nambili, uhlukanise isikhumba sazonke izinyawo zokubuyela emuva ezingeni lapho ihlatshiwe khona. Faka ummese ngaphansi kwesikhumba ngaphakathi kwangemuva womlenze bese uwuvula kuze kube yimpande yomsila eceleni komsila wengqedamabele. Ngeminwe yakho, susa isikhumba kude nenyama yethanga ngalinye. Phindela umsila bese ususa ithambo ukuze umsila uhlale unamathele esikhunjeni ngemuva, futhi nezitho zokuzala kanye nengqedamabele baseceleni kwesisu.
Qhubeka ususa isikhumba kude nomzimba phansi, njengoku phendula isokisi ngaphakathi, udonsa ngemuva komsila, futhi ususa ngaphandle kwesisu ngeminwe yakho ngaphambili uze ushaye isandla sakho phakathi kwesisu nesikhumba. Manje sika izitho zenzalo esikhumbeni ngaphambili ukuze zihlale zihlangene nengqedamabele nomzimba phakathi kwemilenze yangemuva. Isikhumba manje singacwecwa phansi singaphenduliwe - qaphelani ukuba ungaphuli umzila womsipha phansi phakathi kwesisu.
Donsa phezu komlenze ukuze isidlala kanye nekhanda kuphela kungaphakathi kwesikhumba. Manje uthathe amajoyini emigqomo yangaphambili, futhi unqume ikhanda njengoba ukhuphuka entanyeni ngangokunokwenzeka. Isikhumba, esinamadladla angaphambili kanye nekhanda elixhunyiwe, sishiywa eceleni ukuze usebenze uma usuqedile ukulungisa isidumbu.
Yenza umpheqe omncane phansi phakathi kwesigca esiswini ongabhobozi izitho zangaphakathi. Qala ngokucophelela ukuvula lo mpheqe phezulu kuya ngezansi nje ngaphansi kwezitho zokuzala. Manje uthathe uqwanga ohlangothini olulodwa lwezitho zangasese kanye nengqedamabele, ekunakekeleni ungaphuli amapayipi wenqalathi yenyongo nangesiswini.
Sakaza umpheqe phansi bese ususa izitho zangaphakathi eziphelele, uqaphele ukuthi ungaphuli inqalathi yenyongo noma isibindi, okufanele kususwe ngokushesha. Manje faka ulwebu lovalo ukuze ufinyelele emaphashini bese ususa kanye noqhoqhoqho (ipayipi yentamo).
Sika isikhumba esisekhanda bese uyeka ukuphuma esikhwameni sokukhumba. Isibindi, izinso, inhliziyo namaphaphu, konke okudliwayo - ngisho nokubhekwa njengezibiliboco - ngakho gcina futhi uwasebenzise ngendlela oyithandayo. Susa izinyawo ezinamathambo ngokusika umhlanganiso ngendlela eshiya imithwalo ephethe imisipha yamathanga kuhlanganiswe kahle. Uma usuhlanza isidumbu ngendwangu emanzi elungele. Ukuze ugoqanise,gobisa amajoyinti phambili emgodini wesifuba kanye nesigxobo. Bese ususa inyama phezu ukuze unikeze ukubukeka okuhlosiwe kahle.

Translated by Nsika Khoza