Ukuphathwa Kezixhumo Zikanogwaja

© Judy Stuart

Ukuzalwa Nokukhula

Ukuphathwa kwezixhumo zikanogwaja kubalulekile uma ibhizinisi lakho lizochuma. Konke ukulahleka komntwana kuwukulahleka kwesixhumo esingasoze sabonwa njengenzuzo. Inzuzo elinganiswa ngokudla etafuleni, isilwane esizozala kusasa noma unogwaja onethuba lokuthengwa. Ngakho-ke ukunakekelwa kwezixhumo kubalulekile.
Iningi labafuyi liyeka izixhumo iviki ngaphambi kokuzibheka isibili. Ngibona ukuthi isidleke kumele sibhekwe kanye ngosuku, ikakhulukazi uma izixhumo ziziningi noma kuyinzalo yokuqala yensikazi (unogwaja wesifazane). Bheka ukuthi izixhumo zomile futhi ziyacwazimula. Akumele kubenezimbambo ezivele ngaphandle. Uma izixhumo zibukeka zizacile, bheka insikazi ngokuyiphulula isisu ngesandla. Uma amabele eshisa futhi evuvukile kungaba ukuthi unesifo samabele imastisis. (Bheka isahluko, Ezempilo).
Uma izixhumo zingu-7 noma zingu-8 insikazi ingaswela ubisi. Kungumbono omuhle njalo ukuthi ukhwelise amasikazi abemaningi noma yingaliphi ilanga. Uma insikazi ingakhoni ukuncelisa zonke izixhumo, susa izixhumo ezimbalwa (thatha ezincane kakhulu) ngenkathi enye insikazi, ekhonayo ukuncelisa, inganakile idla, sula iphunga lale nsikazi entsha ngaphansi kwebhokisi bese uligcoba kulezi zixhumo zokwethekelwa bese uzibeka nezinye ezizinze la.
Iningi lamasikazi liyokwamukela izixhumo kalula. Uma izixhumo kungezohlobo olulodwa nombala owodwa bekisa izixhumo zokwethekelwa ngepeni lombala ogqamile (ikoki pen) khona uzokwazi ukuthi laba abayiphi insikazi. Ngaso sonke isikhathi uma kunenguquko esidlekeni, bhala phansi ekhadini lebhokisi.
Izixhumo ziqala ukumila uboya maqondana nosuku lwesihlanu bese bevuleka amehlo maqondana nosuku luka-8 kuya ku-10. Kuyenzeka amehlo avalwe ubhici. Uyowabona ukuthi amehlo abomvu futhi ayafutha. Phimisela emunweni wakho bese uhlikihla lawo mathe esweni bese uvula izinkophe ngesineke. (Bheka izithombe). Lena yindlela enhle kakhulu yokwelapha ‘ihlo lesidleke.’
Uma amehlo esevulekile, izixhumo zizoqala ukuyaluza zizame nokulandela insikazi uma iphuma esidlekeni. Beka isitini noma ‘isitebhisi’ phambi komnyango webhokisi khona zizokwazi ukungena futhi. Izixhumo zihlanganyela nonina ekudleni ukudla okuqinile kusukela ezinsukwini eziyi-16 kuya kwezi-21. Bangadla izigaqana nalo lonke uhlaza notshani obomile unina anakho.
Kubalulekile ukuthi izixhumo zibe namanzi kulesi sigaba. Uma kuwukuthi amanzi ahlinzekwa ngamapayipayi asangono qiniseka ukuthi aphansi ngokwenele ukuze izixhumo zifinyelele kuwo. Uma kusetshenziswa indishi, qiniseka ukuthi igcwele nokuthi ngeke ziwele phakathi ziminze. Phatha izixhumo. Ziyikusasa lomhlambi wakho futhi zidinga ukwenama ngokuthintwa umuntu.

Translated by Zoza Shongwe