Ukulawula Umkhuhlane Wezinkukhu iAvian

© Chris Daly

Igciwane eselidlondlobele lomkhuhlane iAvian (Highly pathogenic avian influenza) liyisifo okumele kwaziswe ngaso, lokho kusho ukuthi ukuqubuka komkhuhlane kumele kubikwe ngakho kudokotela wezilwane kahulumeni ngokuphuthuma. Ukwahluleka ukubika galesisifo kubonwa njengokuphula umthetho (ungabekwa icala) ngoba limataniswa nobungozi obusengcupheni.
Amasampula azothathwa kwizinkukhu eziphilayo nezifile ayiswe kohlolwa elabhorethi ukuqinisekisa ukuthi zinalo impela igciwane nokuthi kutholakale ukuthi hlobo luni lwegciwane. Ukushesha kutholakale kubalulekile kakhulu ngokuthi kuvimbela ukubhebhetheka komkhuhlane kwezinye izinkukhu ikwamanye amapulazi kuphinde kusize ukubona ukuthi igciwane layo, lingeke ladluliseleka kubantu.

Ukulawula

Epulazini lapho sokubekhona izinsolo zokuqubuka komkhuhlane, kuzolawula kulo ukuphuma nokungena ngokusezingeni eliphezulu kuhlukaniswe nendawo okugcinwa kuyo ukuze kuvikelwe ukuthi izikukhu esezithintekile zingasondelani nezikukhu ezisegcupheni yokutheleleka. Njengoba lingekho ikhambi elikhona, Amazwe amaningi, kubalwa kuwo neNingizimu Afrika, ayaye azame ukuqeda lesisifo ngokuba ngemvume yosolwazo nodokotela abanzulu bezilwane bahulumeni basusuluze kubulawe zonke izinkukhu ezigulayo. 

Lokhu kuchaza ukubulawa kwazozonke izinkukhuesezihlabekile nokusolelwa ukuba zingase kube sezithintekile kuphinde kulandelwe imigudu efanele yokulahlwa kwizidumbu zazo nakho konke okunye okukhiqizwa yizo, ukulawula ngokuqikelela okusezingeni eliphezulu ukuphuma nokungena kwezinkukhu kanye nezimoto ezizithuthayo ukuze kunqandwe ukubhebhetheka ngokufafaza ngesibulala magciwane indawo yonke ethintekile. Lokhu konke kuqhutshwa ngaphansi kwehlo elibukhali lokulawula likahulumeni kuqinisekiswe nezembatho zokuvikela ukuba ziyagqokwa ngasosonke isikhathi kusalwa nalesisifo ngisho noma ngabe igciwane alinayo ingcuphe yokudluliseleka kubantu.

Ukugoma izinkukhu ezingahlabekile lapho sekube nokuqubuka kwegciwane elinamandla noma lapho selijwayele ukubuya khona. Loluhlelo alukavumeleki eNingizimu Afrika okwamanje, ngenxa yomthelela umgomo ongase ube nawo kwezokuhwebelana namazwe angaphandle nokuthi futhi uma izinkukhu sezigonyiwe kungase kubenzima ukutholakala komkhuhlane osuqubukile. Abanye base Ningizimu Afrika abaqhakambile nokho bona babona ukuthi kungakuhle ukugonywa kuvunyelwe, kakhulu uma iNingizimu Afrika ingakwazi ukunxephezela abakhiqizi ngempahla ebalahlekele, njengokuba kweziwa emazweni amaningi asethuthukile. 

Ukuvimbela

Ngokwabomnyango weZolimo, igciwane lingadluliseleka kalula kusukela kwelinye ipulazi kuya kwelinye ngokuzula kwezinkukhu zasekhaya, abantu, ikakhulukazi uma izicathulo nezingubo zokugqoka zinembekile nezithuthi uma zi nembekile, impahla, umgqakazo namakheji. Abalimi kumele baqikelele kakhulu baphinde babhekisise ukuze bavikele isifo ukuthi singabhebhetheki kusuka sifinyelele kumapulazi abo uma sebazi ukuthi isifo siqubukile. (funda kabanzi ngezokuqikelela biodiversity) 

Abakhiqizi abagcina izinkukhu zabo ngaphandle, kumele babheke ekutheni bazigcine endaweni ephephile njengoba igciwane lingathelelana ngokuhlangana noketshezi oluphuma kwesezithelelekile- ezasendle noma olunye uhlobo lwezinkukhu, isikakhulukazi indle (isitibhili) noma ukudla (umgqakazo), amanzi, impahla kanye nokokugqoka okunindekile kwatheleleka ngegciwane. Ezinye izilwane nazo njengamakati kanye nezingulube zingathwala uhlobo uluthile lwegciwane lalesisifo. 

Emazweni amaningi kubonakala ngathi ukuqubuka kwaso kuxhumene nenkathi ethile yonyaka, ngoba kwenzeka kakhulu uma kuseNkwindla bese sehla ngesikhathi sekuqala ukufudumala. iNingizumu Afrika, njengamanye amazwe iyacophelela igade ukubhekisisa kwizinkukhu zasendle Kanye nezisemapulazini ukuze kuzothathwa izinyathelo eziphuthumayo kwaziswe nabanye ngobungozi lapho isifo sesiqubukile. 

Translated by Nokubonga Guliwe