Ukulawula Amapharasathiya Angaphandle (Izimuncagazi)

© Chris Daly

Kungenzeka ukuthi ngezikhathi zakudala bekunganakisiswa ukulawula amapharasithiya (Izimuncagazi). kodwa manje sekuyidingo esikhulu ekukhuliseni izinkukhu ezithokozile neziphilile.

Amasu Okuvikela

©Chris Daly
Izinkukhu nezindawo ezihlala kuzo kumele zihlolwe njalonjalo ukuze kutholakale izinkinga maduze zingakaphunyuki esandleni. Isikhathi esihle sokubhekisisa izintwala zomkhuhlane I avian isemini, kanti sasebusuku isona esihle ukukwazi ukubona ukubheduka kobutata kanye namazenze. Ukuqhaphela ukubheduka kobutata obubomvu kuthanda ukubanzinyana ngoba kuvamise ukubonakala futhi butholakale lapho sebubheduke khona. Kanti ukuthola amazenze ngakolunye uhlangothi kulula kakhulu ngoba ayashesha ukubonakala uma eselimuncile igazi seligcwele kuwo.
Ngesikhathi uzibheka, hlukanisa izimpaphe zezinkukhu. Izintwala zivamise ukubonakala kahle zihambahamba noma zigijimisana ezansi ngasekugcineni kophaphe, kanti amaqanda angamaqoqo avamise ukubonakala ngasemsukeni wezimpaphe. Izintwala ziyazithanda izimpaphe eziphuphuzelayo njengaphansi kwamaphiko uzungeze nasendaweni ezungeze isidunu senkukhu. Ngakhoke lezizindawo yizo okumele zibhekisiswe kuqala.
Ubutata be-Scaly leg mites bona buhlasela imilenze yezinkukhu kuphela. Kanti obe Northernfowl butholakala ngakwisidunu senkukhu. Ukubheduka kwalobubutata kubangela ukushintsa kombala kwizimpaphe ubemnyama ngenxa yokuthulula indle yawo Nokwanda kwamaqanda abo.
Izinambuzane zivamise ukuba inkinga yenkathi ethile kanti ibhebhetheka kakhulu ngesikhathi kufudumele. Kungasiza ukwelapha izinkukhu ngokuvikela kakhulukazi ngezinyanga lapho kusuke kushisa kakhulu. Kwenye inkathi nokho akubikhona ukubheduka okumataniswa nenkathi yonyaka.
Qaphela ukuthi izinkukhu ezithelelekile azithintelani neminye imihlambi. Izinkukhu ezintsha kumele zihlolwe, zilashelwe amapharasithiya (izimuncagazi) bese ziqheliswa kwizinkukhu esezikhona, zibekwe endaweni yazo amasonto ambalwa ukuqinisekisa ukuthi abukho ubungcuphe ezingabuthwala.
Gcina izinja, amakati, izinkukhu kanye nezilwane okungenzeka ukuthi zinawo amapharasithiya ezimuncagzi kude nendawo okukhiqizwa kuyo.
Ukuzibhuquza othulini nokuzigeza lezi ezinye zezindlela imvelo ezama ngayo ukulwisana nezinambuzana, ngakhoke izinkukhu ezingekho ezindaweni enomhlabathi wokuzibhuquza nalezo isigqofo zaso esesiphumile noma esesidala zingaba sengcupheni.
Sebenzisa umlotha wokhuni emhlabathini wokubhuquza, uyasebenza kakhulu ukushelelisa nokuqothula amapharasithiya uphinde uhlaze isdumbu sekukhu kumafutha angadingeki nazozonke izinsalela amanye amapharasithiya adla kuzo. Umlotha wokhuni ungahlanganiswa nesihlabathi noma i peat moss bese ubekwa ethinini elidala noma kubhavu weplasitikini okuzokwenza kubelula ukuwuqoqa.
Izindlu zezinkukhu namakheji kumele zihlanzwe njalonjalo, uma kungenzeka, zifafazwe ngesibulala magciwane uma kungenzeka njalo emva kumzungezo owodwa wokukhiqiza.
Abanye osomaplazi babaye bancome ukutshala imifino eqhelisa izinambuzane maduze nendawo yomkhiqizo lemifino kumele ifakwe kumabhokisana. Uhla lemifino eyaziwayo ukuthi iyaziqhelisa izinambuzane kubalwa kuyo I lavender, bay leaves, marigold, eucalyptus leaves, oregano, peppermint, wormwood kanye ne spearmint.
Izifafazo ezivimbela amazenze zingasetshenzisa kwizindawo lapho eyinkinga khona kakhulu.

Amasu okulawula

©Chris Daly
Sebenzisa umkhiqizo obhaliswe ngokugcwele ukwelapha izinkinga uphinde uqinisekise lemikhiqizo uyisebenzisa ngendlela efanele. uMnyango weZolimo neZemvelo KwaZulu Natali kwimanuwali yawo ngokugcinwa nokukhiqizwa kwezinkukhu incoma ukusetshenziswa kuka Karbadust ukulawula ukubheduka kwezintwala, ubutata kanye namazenze kwizinkukhu.
Abakhiqizi bayaye bakhuthazwe ukuthi bafake inkukhu enezintwala kwiphakethe noma isikhwanyana ikhanda livele ngaphandle. uKabadust kumele uthelwe esikhwameni beseke sishukunyiswa kahle ngesineke kubhuquziswe inkukhu yonke. Kumele usetshenziswe kuphela ezinkukhwini ayi kumakheji nasezindlini.
Ubutata be scaly leg (obuhlasela imilenze yezinkukhu), Umnyango uncoma ukusentshenziswa kwe Benzyl Benzoate uhlikihle ngayo. Ingathengwa emakhemisti kanti iphinde yaziwe nge Ascabiol, yona le evamise ukusetshenziswa ukwelapha utwayi kwizingane.
Esikhathini esiningi akusizi ukwelapha izinkukhu kuphela, izindawo ezizungezile nazo kumele zihlanzwe kususwe bonke ubutata osebukhulile, amaphuphu abo noma amaqanda okungenzeka ukuthi acashe emifantwini nakwizidleke, kumele kusetshenziswe umkhiqizo obhalisiwe kuphinde kulandelelwe ngokwemiyalelo ecacile yokusetshenziswa komkhiqizo ukuze kuqinisekiswe ukuthi kuyasusuluzwa konke kuphele nya. Izindawo ezifihlakele njengasekukayeni nasemifantwini kumele ivalwe.
Ukuvimbela ukuthi amazenze angagxumela kwizikukhu. Amadlelo notshani kumele kwelashwe nokhula oluzungeze indlu kumele lususwe

Okumele Kubhekwe Ngokukhethekile

Amakhizane kumele akhiswhengokucophelela. Noma imiphi imizamo yokudonsula amazenze ivamise ukushiysa ikhanda lezenze linamathele esikhunjeni futhi lokhu kungaholela ekuthelelekeni okunye noma kube nethumba. Izindawo ezinomswakamo zingabhebhethekisa ubutata be scaly leg (ovuhlasela imilenze)
Izinkukhu ezinemilenze enezimpaphe zisengcupheni yokungenwa ubutata be-scaly leg kunezinkukhu eziluqwathu eemilenzeni.
Ubutata obubomvu bunzima ukubulawula njengoba bukwazi ukuphila izinyanga bungamunci lapho buqhwakele khona. Indlela efanele yokuqeda lenkinga ukubulala zonke izinkukhu nokuhlanzisa wonke amahhoko. Kwezinye izikhathi abakhiqizi bayaye baze bashise zonke izidlele nempahla ethelelekile ekuleyondawo.
Ubutata be scaly leg kuvamise ukufunda indawo yabo entsha obuzohlala kuyo lapho amazing okushisa omzimba enkukhu ehla ngenxa yokugula noma ngoba isifile. Ngakho izinkukhu ezinobutatat be scaly leg kumele zihlukaniswe zibekwe zodwa ukuze zelaswhe kuvikelwe ukubhebhetheka kobutatat kwezinye izinkukhu.
Uma kusaqala ukukayeka bungelashwa ngokusebenzisa amafutha e-bland, anjengo liquid paraffin. Lapho sekunzima kakhulu izinyawo zenkukhu kumele zicwiliswe emanzini afudumele ukuze kuzothanjiswa ukukayeka ngemuva kwalokho kumele zomiswe bese zigcotshwa ngengxube yamafutha esilungisiwe njengowoyela weminqumo noma i-vegetable oyela lokhu kumele kwenziwe ngaphambi kokuba zigcotshiswe ngomkhiqizo obhalisiwe ngokusemthethweni, ukugcobisa kufanele kulokhu kuphindiwe njalonjalo phakathi nesonto buze bufe bonke ubutata. Abanye abakhiqizi baye babika bencoma ukusebenzisa uVaselina ukubulala lobu butata.
Qinisekisa ukuthi awulixebuli ikhekheba elisemlenzeni wenkukhu njengoba lokhu kungabanga ubuhlungu obukhulu kuze kuyilimaze nenkukhu imbala.
Uma unokungabaza Iya kudokotela wezilwane noma ophethe kanye naye ezilwaneni

Translated by Nokubonga Guliwe