Ukukhomba izinkinga ezihlasela izinkukhuv-bheka

© Chris Daly

Ukusebenzisa ubuhlakani namakhono omfuyi kungasiza ukukwazi ukukhomba izinkinga ngaphambi kokuba zibheduke. Nasi iseluleko esivelwa Kwisikhungo Sokucubungula ngeZemvelo i-Onderstepoort Veterinary ekutheni ungabhekani:

Ukusabalalisa izinkukhu

©Chris Daly
Uma ungena endaweni yokukhiqiza, bheka Indlela okusabalaliswe ngayo izinkukhu. Izinkukhu ezigodolayo zivamise ukusondelana kuthi lezo ezizwela ukushisa ziminyane endaweni epholile ezinye zize zime noma zilale phansi zidonse umoya ngokushesha ngoba zizama ukuzipholisa. Ukuminyana ezindaweni zokudlela nezokuphuzela kungaba inkomba yokuthi azanele izintsha zokudlela noma ezokuphuzela, okuholela ezkutheni izinkukhu zibangisane kuthi izikukhu ezingenamandla zigcine zithole amanzi amancane noma ukudla okuncane ngoba ziqhwagela ezinamandla. Isomiso naso singaholela ekutheni izinkukhu zikhukhuleke ngobuningi ziye ezindaweni ezingenaso isomiso.

Ukubukeka kwazo

©Chris Daly
Bheka ukubukeka okujwayelekile kwezinkukhu. Kungabe zibukeka ziphilile, zinengcindezi noma zimahliphihliphi. Ngabe zikhona izinkomba ezibonisa ukuthi ziyazidoncula izimpaphe? Kungabe uyabona lapho kuvele isikhumba sodwa ngenxa yokuqothuka?
Bheka usayizi wesisindo sezinkukhu. Ngabe zonke izinkukhu zingusayizi wesisindo munye noma kukhona ezibukeka zincane kunezinye? Kungaba yisiphi isizathu salomehluko? Ngabe ezinye zezinkukhu bezibuthaka kusukela ekuqaleni, kungabe ziyagula noma kungabe izinkukhu ezinamandla ziyaziqhwagela ukuthi zingakutholi ukudla?

Izingxenye ezahlukene Zomzimba

Okulandelayo udinga ukubhekisisa izingxenye ezahlukene zomzimba kusukela ekhanda kuyophuma kwisisila.

Ikhanda nentamo

©Chris Daly
Ugedla nesikhumba esilenga entanyezi kumele sibebomvu, ngapandle kokuba nokusikeka noma ukuvuvuka. Kukhona okusuke kungalungile uma ugedla nesikhumba esilenga entanyeni kumbala oluhlaza okwesibhakabhaka noma ubemnyama, kanti umbala o pink kodwa ophuphuthekile ungasho izinkomba zokuthi kukhona ukugula, amapharasithiya, ukushiselwa ngokweqile nomake mhlawumbe inkukhu iyebuza amaquba nezimpaphe okujwayelekile nonkwenzeka kanye onyakeni ukuze kuhlume ezintsha.
Amehlo kumele abe yindilinga, avuleke kahle futhi acace ukubona kwawo. Kukhona okungahambi kahle uma amehlo evaleka, emisa okwesimo seqanda, eba nombala omhlophe othuntuthekile noma kunobomvu oluphumayo. Akumele kubekhona uketshezi oluphuma emakheleni ngoba lokho kungadala ikhekheba elingawavimba amakhala. Indawo ephakathi kwamehlo namakhala akumele ivuvukale.
Uma ubuka umlomo wayo (isingqofo) kumele sime esimweni sendalo kungabikhona izingxenye ezisukile ngaphandle uma kuyisembozo sawo esisha ngoba abakhiqizi bayaye bayishefe ingxenye engaphezulu yesigqofo ukuvikela ukuthi isembozo sawo singaphakelani phezulu futhi zingazingqofi uma zisemakhejini. Isigqofo sivamise ukuvaleka uma isesimweni esihle, kodwa siyavuleka lapho inkukhu iphefumula ngamandla ngoba amakhala evalekile, inkukhu inengcindezi noma izizwa ifudumele kakhulu. Isigqofo akumele sizwakale sithambile uma usithinta noma kungathi siyi rubber. Intamo kumele iqine iqonde ukuze ikwazi ukuphakamisa ikhanda libheke phezulu. Akumele ibonise ukuthamba kanye nokujijeka.

Umzimba

©Chris Daly
Umzimba wonke wenkukhu kumele wembozwe izimpaphe, ngaphandle uma kuwuhlobo olukhethekile lolu oluba nentamo kanye nesifuba esiluqwathu olungenazimpaphe. Izimpaphe ziyacambalala kumzimba futhi ziphakama kuphela uma inkukhu ilele, kubanda, noma igula. Bhekisisa phakathi kwezimpaphe amakhizane, izintwala kanye nobutaya. Amakhizane avamise ukutholakala ezindaweni ezizungeze ikhanda, izintwala kwizimpaphe ezizentanyeni noma ezisemaphikweni nangaphansi kwamaphiko.
Izimphaphe kumele zihlanzeke. Izimpaphe ezinofuhlufuhlu kwindawo ezinguze isidunu kungenzeka ukuthi zibonise ukuthi inesisu esihambisayo. Ukuvuvuka kwindawo ezungeze isidunu kuneqanda elingakwazi ukuphuma.
Izinyawo kumele ziqine, ziqonde futhi zisuleke, zivamise ukuthi zibe nombala ophuzi. Kumele kubekhona ukusikeka, ukuvuvukala, ikhekheba/uqweqwe emilenzeni futhi izinkukhu kumele zihambe ngendlela eyejwayelekile futhi zingaxhugi.

Translated by Nokubonga Guliwe