Ukuhlonishelwa Iminyaka Yokusebenzela

©Eric Miller

U-Albertina Sisulu ungomunye wabantu abahlonishwa kakhulu emlandweni waseNingizimu Afrika. Uhlonishwe kakhulu ngemisebenzi yakhe nokuzibophezela emzabalazweni olwe nobandlululo:

Ngomnyaka ka-1986 wathola ilungelo lokuba yisakhamuzi sase Reggio nell'Emilia e-Italy. Ngo-1988 iphephandaba laseLenasia, iThe Indicator, lanikeza umndeni wakwaSisulu umklomelo we-Newsmaker of the Year. Wakhethwa njengomongameli woMkhandlu wezokuThuthukiswa koMhlaba owaseSwitzerland kusukela ngo-1993 kuya ku-1996. Lokhu kwakukuhlonipha ubudlova bakhe bokulwa nobubandlululo kanye nomsebenzi womphakathi.

Ngo-1994 waba yingxenye yePalamende yentando yeningi yokuqala futhi wasebenza iminyaka emine, lapho ehlala umhlalaphansi. Wabuye wathola umklomelo ovela kumongameli waleso sikhathi uNelson Mandela. Ngo-1999 wanikezwa isiqu sadokotela ohloniphekile esavela eNyuvesi yaseWitwatersrand ngokuzinikezela kwakhe ngenhloso yentando yeningi nokunquma ngokomthetho eNingizimu Afrika. Ngo-2003 wahlonishwa ngeminyaka yakhe yokuzinikela ekuphakanyisweni kwezenhlalakahle zabantu baseNingizimu Afrika lapho isikhungo seSoweto sabantwana abanezidingo ezikhethekile sabizwa ngegama lakhe. Ngo-2004 wavotelwa unombolo 57 esiteshini samabonakude i-SABC 3 ohlelweni - Great South Africans.

Translated by Nsika Khoza

Nelson Mandela and South Africa's Famous Ladies Luncheon by Raymond Louw

Kwakunzima ukufunda imicabango kaNelson Mandela. Wayengumngane ofudumele futhi ohloniphekile edilini lesidlo endaweni yakhe yokuhlala, uMahl...more