Imisebenzi eyengeziwe yezombangazwe

© Eric Miller

Umhlengikazi eSoweto

Ngemva kokuthola isiqu esikoleni esiphakeme, u-Albertina Sisulu wanquma ukuqeqeshwa ukuba abe ngumhlengikazi. Ngo-1940 waqala ukusebenza eJohannesburg General Hospital, lapho esebenza khona nonkosikazi wokuqala kaNelson Mandela, u-Evelyn. Yilapho futhi u-Albertina asebenza khona nodadewabo womyeni wakhe, uBarbie. Ukuphila njengomhlengikazi oqeqeshwayo kwakungelula. U-Albertina kwadingeka abhekane nokubandlululwa kobuhlanga abasebenzi abamhlophe asebenza nabo, ngisho nalabo abancane kakhulu esikhundleni sakhe. Ngaphezu kwalokho,

kwakudingeka asebenzise imali yakhe encane ukuze akhokhele iyunifomu yakhe futhi isikhathi esiningi wasichitha ehostela yabahlengikazi. Njengombelethisi, u-Albertina wavakashela iziguli zakhe emalokishini futhi lokhu kwenziwa ngezinyawo.

U-Albertina kwadingeka athathe yonke imishini yakhe yombelethisi nemithi endlini ngendlu. Lokhu kwakuvame ukwenziwa ngosizo lwesuthukhesi ekhanda lakhe. U-Albertina waba umhlengikazi obhalisiwe ngo-1944 nombelethisi ngonyaka ka-1954. Ngo-1980 wabekwa njengomhlengikazi omkhulu wesibhedlela esincane e-Orlando East, eSoweto. Waqhubeka ukusebenza kuze kube yilapho ehola impesheni ngo-1983.

Ngemva kwalokho wasebenza kuDkt. Abu Baker Asvat, udokotela wangasese eSoweto. Wamvumela ukuba aqhubeke nemisebenzi yakhe yezombusazwe ngenkathi esebenze kuye futhi laba bobabili baba nobuhlobo obuseduze. Waqhubeka emsebenzela kuze kube yilapho ebulawa ngo-1989.

Inkinga Yabesifazane Nezingane

Phakathi nawo-1950 u-Albertina waba yingxenye ebalulekile ye-Federation of Women of South Africa. Wayengaphambili ekulweni nokuhlukunyezwa ngokobulili nokuhamba njengombhikishi ngokumelene nemithetho yamapasi. U-Albertina wayebandakanyekile ekuqasheni abahlengikazi ukuba bahambe eTanzania ukuze bathathe izikhundla zabahlengikazi baseBrithani ababeshiye lapho iTanzania ithola inkululeko ngo-1961. Ngo-1983, wayengumongameli we-United Democratic Front (UDF).

Ngonyaka u-1989 wahola izithunywa zabaholi be-UDF eYurophu naseMelika ehlangana nomongameli nonqonqoshe wezwe ukuba bazise ukuhlupheka kwabantu abaningi eNingizimu Afrika ngesikhathi sobandlululo.

Lezi zenzo zafika ngentengo, okubandakanya ukuhlukumezwa amaphoyisa, ukuvinjelwa ngisho nokuboshwa. Ngemuva kokuba umzabalazo usuphelile futhi iNingizimu Afrika yenze ukhetho lwalo lwentando yeningi yokuqala ngo-1994, u-Albertina Sisulu waba yilungu lePhalamende futhi ukukhathazeka kwakhe okuyinhloko kwaba yinkinga yabesifazane nabantwana. Iminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu,

impilo ka-Albertina yachithwa ku-Albertina Sisulu Foundation isebenza ngokuqhubekayo ekuthuthukiseni izimpilo zezingane kanye nabantu asebekhulile. Uphinde wasungula isikhungo se-Albertina Sisulu Multipurpose Resource Center / ASC esizinikezele ekuthuthukiseni i-Orlando West, umphakathi lapho umndeni wakwaSisulu uhlala khona. Isikhungo sihlose ukuxazulula izinkinga zomphakathi nokunciphisa ubunzima,

ukunikeza izinsizakalo ezifana nalezi ezilandelayo: Isikole sabantwana abanezidingo ezikhethekile Isikhungo Sokuthuthukiswa Kwabantwana Basencane Isigaba sezingane ezingekho esikoleni ezikhubazekile lapho zingakwazi khona ukufunda amakhono ukuze zibe abahlanganyeli abaqashiwe futhi abakhuthele emnothweni wezwe Uhlelo lokudla okunomsoco Ihholo lomphakathi Uhlelo lokufinyelela

Translated by Nsika Khoza