Surgeonfish

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-Surgeonfish

Elinye

i-Doctorfish

Igama lesayensi

Acanthurus

Usayizi

Ungafinyelela ku-60cm, ngokujwayelekile kuba wu-28cm.

Isakhiwo Sayo

Umzimba wayo umise okweqanda, mncane uye ngokuncipha ngasemsileni. Inomlomo omncane. Iphiko langasesinqeni limise okwenyanga isavela. Inamaphiko amade ngasesinqeni. Linamapheya amathambo amabili emsileni acijile – igama lawo lisuselwe lapho. Inombala omuhle nohehayo indlela ome ngayo.

Olunye Ulwazi

Izizukulwane ze-acanthurus zinezinhlobo ezimdibi nazo eziwu-38. Itholakala kakhulu ezixhotsheni zamatshe, ivamise ukudla yodwa noma ihambisane nomunye umhlambi. Isebenzisa amazipho ayo acijile ukuzivikela kanti inobuthi obubi kabi. Ikwazi ukushintsha amabala ayo kuye ngokwendawo ekuyo ngaleso sikhathi – iyakhanya endaweni uma isesihlabathini kanti iyakhazimula ezixhotsheni zamatshe. Izalelela emanzini amaningi njengolwandle.

Ukudla

Lolu hlobo lukafishi ludla izitshalo kuphela, hhayi inyama.

Ukusabalala Kwayo

Itholakala ezindaweni eziningi ezifudumele emhlabeni jikelele.

Izinhlobo Ezijwayelekile

Black surgeonfish - Acanthurus gahhm
Palette surgeonfish - Paracanthurus hepatus
Sohal surgeonfish - Acanthurus sohal