Slender Mongoose

© Nigel Dennis

Igama

I-Slender Mongoose [iGalerella sanguinea], futhi eyaziwa ngeBlack-tipped Mongoose noma i-Black-tailed Mongoose.

Ibukeka kanjani

Isisindo seyesifazane wu-575g kanti incane kuneyesilisa ngoba yona iwu-715g. Umbala wale nyamazane unsundu, bese kuba nezinye ezinombala obomvu oxube onsundu. Le mibala iya ngokuthi lesi silwane sihlala kuphi. Lesi silwane siba nomsila omude, omnyama. Ezindaweni ezinamakhaza, iba mnyama tsucu.

Zidlani

I-Slender Mongoose ukudla kwayo ngamagundane, izilwane ezinwabuzelayo, izinyoni. Kwenye inkathi idla izilwane ezingenamathambo.

Zizalana kanjani

Lesi silwane sizala noma nini onyakeni, kodwa isikhathi esiningi siye sizale ngezikhathi zemvula. I-Slender Mongoose imitha amasonto ayisishiyagalombili kuya kwayisishiyagalolunye, bese sizala amazinyane amabili.

Aphila kanjani

Lesi yisilwane esingahlangani nezinye nhlobo. Sinemihlambi ehlangene, futhi okunezinkunzi ezine eziyivikele. Amazinyane uma esezelwe, aya kozifunela indawo yokuhlala.

Ahlala kuphi

I-Slender Mongoose ihlala emahlathini. Indawo eyithanda kakhulu yindawo enezinkuni lapho efike yakhe khona umgede ezingoxini zemithi.

Atholakala kuphi

I-Slender Mongoose itholakala ezifundeni ezisenyakatho-mpumalanga, eNingizimu Afrika, eNamibia, eBotswana, eZimbabwe, eMpumalanga naseNtshonalanga ye-Afrika.