Secretary Bird

© Shem Compion
Secretary Bird.

Ibonakala Ngani

I-Secretary bird yinyoni ephila ngokuzingela ezinye izilwane. Le nyoni inemileze emide, izimpiko ezivulekile nomsila. Igama elithi Secretary Bird lisuselwa ezinsubeni ezazisetshenziswa ngabasebenzi basemahhovisi ngeminyaka yo-1900. Le zinsiba babezihloma emuva kwezindlebe uma sebeqedile ukubhala ngazo. Ngaphansi komlomo wayo ogobile wabheka phansi kunesikhumba esinokuphuzi nokubomvu. Izimpaphe emlenzeni wale nyoni zigcina emadolweni. Inamaqubu avokomele kodwa angekho ebusweni. Uma imile le nyoni ubude bayo kuyadlula emitheni elilodwa.

Okunye okuqaphelekayo kule nyoni yizimpaphe ezingama-20, ezinde, ezihlomeke esiphundu. Inomlomo ocijile, owafana nowe-caracara, nezinkophe ezinde.

Zidla Nhloboni Yokudla

Zdla izinyoka, izibankwa, amaxoxo, izimfudu, amagundane, izinyoni nezilwane ezincelisayo ezincane.

Mayelana Nokuzalela

Lezi zinyoni zivame ukuba ukwenza amaqanda nenyoni eyodwa impilo yazo yonke futhi azejwale ukushintsha izidleke. Izidleke zivame ukwakhiwa phansi ezansi ezihlahleni lapho kukuhlukana nona amagantsha. Lezi zidleke zakhiwa ngezinti kanti ziyakhula unyaka nonyaka njengezokhozi. I-Secretary bird ibekela amaqanda amabili noma amathathu athatha izinsuku ezingama-50 ukuchamisela. Amachwane afunzwa inyama yezilwane ezincelisayo futhi aqala ukundiza emuva kwamasonto ayisishiyagalombili ezelwe. Ngesikhathi sokuzalela ezesilisa ziba nolaka kakhulu. Amaqanda azalelwa ngoNhlaba noma ngoNhlangulana. Zombili eyesilisa neyesifazane ziyashintshana ngokufunza amachwane.

Indlela Eziphila Ngayo

Lezi zinyoni zihamba phansi isikhathi eziningi, zindiza kuphela uma ziphoqelekile. Ziyalihamba ibanga elingaphezulu kwamakhilomitha angama-30 ngosuku futhi ziyazethemba ngejubane. Zithola ukudla kwazo emhlabathi futhi zikhonze kakhulu izinyoka. Le nyoni inyoka iyibamba ngezinwane ezinde iyibulale ngokuyishaya phansi. Ukuze ingalunywa yinyoka izivikela ngezimpiko. Ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika le zinyoni zigcinwa ezindaweni ezivalelekile ukuze zibulale izinyoka namagundane. Inokumba ngomloma wayo ukuthusa izilwane ezincane zizovela eshashalazini umazizingela.
Ngaphandle kokufuna ukudla ngezinyawo, lenyoni ibuye isebenzise izinzwane ngokuhamba otshanini ukuze yethuse izilwane, izibankwa nezinye izilwane ezidlayo. Imilenze inesikhumba esiqinile okwenza kungabi lula ukulunywa yizinyoka. Le nyoni ivame ukuba nomlingani oyedwa ngesikhathi kodwa azivamile ukuhamba nabalingani bazo eduze, ziba yibangana enye kwenye.
Uma le nyoni izingela, iye ivule izimpiko bese icinga ukudla phansi ngomlomo. Uma ibona ingozi iye iqale ngokubaleka ngezinyawo isukume indize uma isimo sishuba kakhulu.

Indawo Eziphila Kuyona

Lezi zinyoni zivame ukuhlala emathafeni avulekile anotshani. Zithanda kakhulu izindawo ezisanda kusho lapho izilwanyana ezidlayo zingakwazi ukucasha. Kokunye lezi zilwanyana zisuku zilinyazwe wumlilo.

Zitholakala Kuphi

I-Secretary bird isabalele e-Afrika ezindaweni eziseningizimu yeSahara.

Igama Lesilatin

Sagittaruis Serpentarius