Sawfish

Igama elijwayelekile

ama-Sawfish

Igama lesayensi

Pristidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-7cm.

Isakhiwo Sawo

Made, ayisicaba nekhala ongathi yisaha. Ikhanda lawo liyisicaba. Umzimba wawo ubukeka engathi okashaka. Izigwedlo ezisesifubeni zinkulu futhi zibanzi. Avamise ukuba nombala ompunga ngokuphaphathekile noma onsundu abe mhlophe esiswini.

Olunye Ulwazi

Ama-pristidae anesizukulwane esisodwa nezinye izinhlobo ezine. Ayingozi kakhulu. Amazinyo awo ayalingana wonke. Awanazo izindevu njenge-sawshark. Izimbobo zokuphefumula zimise okwemisebe yelanga. Azingela ebusuku.
Amaqanda awo achamiseleka ngaphakathi. Amachwane awo azalwa esephelele. Azala amachwane amathathu kuya kwamahlanu ngesikhathi. Umlomo wamachwane awo uba nento esanjoloba, evikela ukuthi ungalimazi unina walo uma esezalwa.

Ukudla

Adla izilokazane zasemanzini. Asebenzisa amazinyo.

Atholakala Kuphi

Atholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni. Atholakala ezixhotsheni naseduze kwalapho kuhlangana khona ulwandle nomfula. Ahlala kakhulu olwandle nasemanzini acwebile.

Uhlobo Oluvamile

Dwarf sawfish (Pristis clavata)
Knifetooth sawfish (Anoxypristis cuspidata)
Smalltooth sawfish (Pristis pectinata)