Rhombic Egg Eater

© Tyrone Ping

Igama

Rhombic egg eater [Dasypeltis scabra]

Vital Statistics

Uhlobo: Reptilia
Umkhakha: Squamata
Umndeni: Colubridae
Ubude Beyesifazane: 964 mm
Ubude Beyesilisa: 595 mm

Incazelo

I-Rhombic Egg-Eater yinyoka ezacile, eqinile futhi enekhanda elincane eliyindilinga. Le nyoka inomsila omfishane kodwa oweyesilisa uba mfushane kakhulu. Umhlane wayo unemibala ompunga onsundu ngokukhanyayo noma ngokusakotapeya. Phakathi nendawo inamabala amnyama ayizikwele. Ingaphakathi lomlomo wale nyoka limnyama.

Indawo Etholakala Kuyo

Le nyoka isabalele ezizindaweni eziseningizimu ye-Afrika kunyuke njalo kuze kufike eSudan naseGambi, entshonalanga.

Ukuzala Ukuzalela

Le nyoka ibekela amaqanda ayisithupha kuya kwangama-25. La maqanda, azalelwa ehlobo, athatha izinsuku ezingama 80 – 90 ukuchamisela.

Olunye Ulwazi

Njengegama layo, i-Rhombic Egg-Eater idla amaqanda kuphela futhi umlomo wayo wakheke ngendlela yokuthi ikwazi ukugwinya. Igobolondo leqanda iyaliphaliza uma konke okuphakathi sekumuncekile esiswini sayo le nyoka.