Violet-backed Starling
Igama
Violet-backed Starling (Cinnyricinclus leucogaster)
Ibonakala Ngani
Zinesisindo esingu-45g kanti ubulili buhlukaniseka ngensiba zayo. Ingaphezulu lomzimba, okubalwa isilevu, umqala namaphiko kunombala ophephuli ngokucwebezelayo. Ngaphansi, esifubein, inombala omhlophe. Lo mbala wayo uyaguquka ngokuya ngokukhanyiswa yilanga. Umlomo wenyoni yesilisa nezinyawo kumnyama, amehlo anendilinga eyiphuzi nechashaza elinsundu phakathi. Eyesifazane yehlukile, emuva kwentamo naseceleni kobuso kunsundu namachashaza amanyama. Izimpiko emhlane nomsila kunsundu kanti ingaphansi, esifubeni, kumhlophe nemigqa eminyama.
Zidla Nhloboni Yokudla
Zidla izithelo nezinambuzane ezizithatha emaqabungeni zoma zizinqake uma zindiza, okubawa namahlabusi.
Mayelana Nokuzalana
Eyesifazae yenza amachwane neyodwa eyikhetile izimpilo yayo yonke. Zenza amachwane kusuka kuMfumfu kuya kuMasingana, eZimbabwe naseNingizimu Afrika, kanti eBotswana zizalela ngoMfumfu kuya kuNhlolanja. Ubulili bobubili buyasizana ukwakha isidleke. Lezi zidleke zakhiwa ezimbotsheni ezihlahleni emamitheni amabili kuya kwayisithupha ukuphakama usuka emhlabathini. Lezi zidleke zakhiwa nasezindaweni ezingagumbekile. Amasimba iwasebenzisela ukusinda isidlweke phansi. Zibekela amaqanda amabili kuya kwamane anombala oluhlaza okwesibhakabhaka namachashaza abomvu. Inyoni yesifazane yiyo efukamela amaqanda izinsuku eziyi 12-14.
Indlela Eziphila Ngayo
Zitholakala zindiza ngamaqembu amancane kokunye ahlukene ngobulili. Zivamisile ukwenza amaqembu amakhulu noma zilale ngamaqembu amakhulu. Ama-Plum Coloured Starling ahamba ngamabili noma ngemindeni kawachithi isikhathi esiningi ehamba phansi njengemanye ama-glossy starlings.
Indawo Ezihlala Kuzona
Zitholakala eNamibia, Botswana, Zimbabwe, Mozambique naseNingizimu Afrika.