Pipefish

© Johan Boshoff

Igama

Pipefish

Igama lesayensi

Syngnathinae

Ubude

Ejwayelekile ingamasenzimitha ayi-12 kodwa ingakhula ize ifike kwangama-60.

Ibonakala ngani

Lezi zinhlanzi zinomzimba omude ozacile, njengenyoka, ikhala eliphusheke phambili nomlomo oqala ngasekupheleni kwekhanda. Zine-fin lokugwedla elilodwa emhlane nelilodwa elisandilinga emsileni. Umzimba walezi zinhlanzi umaguzuguzu. Ziyashiyana ngemibala. Ezinye zalezi zinhlanzi ziyaba nemigqa emikulu eyimibala obomvu, ophuzi noyi-olintshi.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Syngnathinae unemikhakha engama-23 nezinhlobo eziyi-120. Lezi zinhlanzi ziphinde zifakwe emndenini owodwa nama-seahorse (amahhashi olwandle). I-fin elisemhlane lisebenza uma kugwedlwa kuyiwa phambili.
Uma ibamba ukudla, le nhlanzi uyamunca. Eyesilisa inendawana esasipontshi lapha amaqanda ebekwa khona, azaliswe aphinde agcinwe khona aze achamisele. Ezinye zalezi zinhlanzi ziphuma siphelele kanti ezinye ziphuma zisengoshobishobi.

Ukudla

Lezi zinhlanzi zidla izilwanyana ezincane ezingenamathambo.

Indawo

Zitholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.

Izinhlobo ezejwayelekile

Black-breasted pipefish (Corythoichthys nigripectus)
Cleaner pipefish (Doryrhamphus janssi)
Ornate ghost pipefish (Solenostomus paradoxus)