Onogwaja Ukugcinwa Komlando

© Karoline Steenekamp

Umbuyekezo

Kunoma yiliphi ibhizinisi ukugcinwa komlando yikho okwenza impumelelo noma imfeketho yebhizinisi. Kubalulekile ukugcina umlando wezindleko nenzuzo yebhizinisi-futhi uqonde ukuthi noma yimuphi umsebenzi wokufuya nokulima uyibhizinisi kodwa kwezinye izikhathi kungabangelikhulu uma umlando ugcinwa kahle. Ngisho ibhizinisi lonogwaja elinamasikazi amane noma amahlanu, uhlelo olunqala lokugcina umlando lubalulekile.

Yonke imali esetshenzisiwe ebhizinisini kumele ibhalwe phansi. Lokhu kuhlanganisa nezindleko zonogwaja, amahhoko, impahla yokulawula nokuphakela.

Imali engenayo ngokuthengiswa kwemfuyo noma umkhiqizo kudingeka ibhalwe phansi.

Noma yisiphi isenzo esiphatheleni nohlelo lokuzalisa kudingeka lubhalwe phansi. Ayikho into embi njengokukhohlwa ukunika isikazi ibhokisi lesidleke bese uthi uya konogwaja bakho ekuseni bese uthola izixhumo zifile, zibanda hleke emgandelweni.

Ukugcina umlando wezinsuku zokulumula kubalulekile.

©Judy Stuart

Amakhadi Okubekisa Amabhokisi

Onke amahhoko kumele abenezinombolo futhi kumele kubekwe ikhadi ehhokweni ngalinye. Kumele libekwe ngendlela yokuthiunogwaja angalidli libeyizicucu futhi kumele ulivikele lingabimanzi noma lingathelwa yimisimbane. Lingalondozwa nakwifayela futhi ligagulwe njalo.
Ekhadini bhala phansi yonke into eyenzeka kunogwaja njengosuku lokukhwelana, usuku lokuzalwa nesibalo sezixhumo ezizelwe. Yiba nezikhala eziningi zokubhala ukuthi zingakhi izixhumo ezisesidlekeni ngosuku lwe-2, 6, 14 kuze kube ziyalunyulwa.
Yiba nesikhala sezixhumo ezithekelisiwe zangezwa esidlekeni. Igama noma inombolo yeduna elisetshenzisiwe kumele nayo ibesekhadini. (Bheka isibonelo seKhadi Lebhokisi). Futhi gcina efayilini imininingwane ebhaliwe yezinsuku unogwaja alashwe ngazo futhi wanqunywa nezinzipho, wahlolwa nezindlebe kanye nokunye.
Kuhle ukuhlola izisindo zakho kokubili; imfuyo yokuzalisa namashiyanja akhulayo. Gcina lolu lwazi efayilini lakho. Izinsuku okuhlatshwe ngazo kumele zibhalwe phansi nezisindo zonogwaja ngaphambili nangemumva kokuhlaba. Lokhu kukhombisa inzuzo ebhekiwe. Izindlela zokugcina umlando webhizinisi ngesangqondo (ikhompyutha) zikhona kodwa zidingeka emhlambini omkhulu wonogwaja.

Translated by Zoza Shongwe