Madiba Ezungezwe iNkunzimalanga

© Dr Peter Magubane
Uzungezwe ngabashayisibhakela abakhulu uMike Tyson, Nelson Mandela, Don King, Sugar Ray Leonard, New York Mayor David Dinkins kanye no Joe Frazier.

Uzungezwe inkunzimalanga. UNelson Mandela ubonakala lapha (kwesonxele) umshayi wenqindi u-Mike Tyson, umgqugquzeli wokushayana ngeqindi u-Don King, umshayi wenqindi u-Suar Ray Leonard, iMeya yaseNew York uDavid Dinkins nomshayi wenqindi uJoe Frazier. Wathola ithuba lokuhlangana nabo ohambweni eMelika ngemuva kokukhishwa ejele ngo-1990.
UMandela ubengumshayi weqindi ngesikhathi efunda e-Fort Hare University, kodwa wayengakaze ahlale eGoli ukuze athathe umdlalo ngobuqotho.
'Ngangingakaze ngibe umshayi wenqindi odume kakhulu. Ngangingenawo amandla anele okukhokhela ukungabi khona kwejubane lami. Angizange ngijabulele ubudlova bokushayana ngenqindi kodwa nje nesayensi yalo. Ngangithakazelisa indlela umuntu ahambisa ngayo umzimba wakhe ukuze azivikele, indlela omunye asebenzisa ngayo kokubili ukuhlasela nokubuyela emuva. '
'Ngaphakathi kwenkundla, isikhundla, iminyaka, umbala, nengcebo akusizi ngalutho. Angikaze ngibe nokulwa kwangempela ngemva kokungena kwezombangazwe. Intshisekelo yami enkulu kwakuwukuqeqeshwa; Ngathola ukuthi ukuzivocavoca okunamandla kube yindawo enhle kakhulu yokususa ukucindezeleka . '
'Ngemva kokuzivocavoca okunzima, ngazizwa ngikahle emqondweni nangokwenyama. Kwakuyindlela yokuzilibazisa ngento engayona umzabalazo. Ngemuva kokuzivocavoca kusihlwa ngangivuka ekuseni ngizizwa nginamandla futhi ngilungele ukuphinde ngilwe. '

Ungaba yiso leso sizukulwane esikhulu. Makuqhakaze ubukhulu bakho.” ~Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more