Lion
Ibhubesi

© Peter Delaney

Igama

Ibhubesi (leo panthera)

Linjani

Ibhubesi lesilisa lide liwu-1.2m emahlombe futhi linesisindo esifinyelela ku-200kg kuya phezulu. Awesifazane wona athe ukuba mancane anesisindo esiwu-130kg. Ngaphansi amhloshana futhi abe nebadlana elimpofu noma elinsundu. Iziyingilizi namabala kuwuphawu lwamawundlu kanti awesifazane wona avame ukukhula ngezansi. Awesilisa kuphela anomhlwenga omude ompofu ebusweni naphezu kwekhanda. Emabhubesini athile lo mhlwenga ucishe ube mnyama.

Adlani

Amabhubesi abamba izilwane ezinkulu ikakhulukazi ezinjengedube, inkonkoni, inyathi, umpondozinde nendlulamithi imbala. Izinyamazane ezincane njengeMpala, iqhina nengungumbane imbala ziyabanjwa uma ithuba livela. Umsebenzi wokuzingela wenziwa ngamabhubesi omhlambi othile kuphela, avame ukuzingela eyiqoqo.

Azalana kanjani

Amabhubesi azala nganoma iyiphi inkathi yonyaka, kepha-ke izinsikazi zomhlambi owodwa zivame ukuzala kanye kanye. Emuva kokumitha izinsuku eziwu-110, kuzalwa amawundlu kusuka kwelilodwa kuya kwamane. Amawundlu aqala ukudla inyama emva kwamasonto ayishumi. Izinsikazi zincelisa amawundlu izinyanga eziyisithupha. Emva kokuzala, amawundlu ayafihlwa amasonto ayisithupha. Emva kwalokho onina bawaletha esigodlweni somhlambi. Amawundlu athembela emandleni omhlambi iminyaka emithathu.

Aphila kanjani

Umhlambi unezinsikazi kusukela kwezimbili kuya kweziwu-12 ezihlobene futhi anamawundlu, namaduna abusayo. La maduna akha umbimbi kusuka kwamabili kuya kwayisithupha, bese ebusa ngokubambisana emihlambini. Ukubhonga kwebhubesi kuwumsindo ohlaba umxhwele kuvame ukweyamaniswa nezilwane zasendle e-Afrika. Ngaphandle kokubhonga, amabhubesi abuye axhumane ngephunga abekisa ngalo indawo yawo, axhumane ngezimpawu zobuso nokuma komzimba. Amabhubesi akhombisa ulaka lwawo ngokuveza amazinyo awo acijile asabekayo, abhekise amadlebe emuva aveze namabala amnyama emva kwamadlebe, imisila yawo itshikize ngokunengwa.

Atholakala kuphi

Atholakala e-Sub-Saharan Afrika kanti nakuleli laseNingizimu Afrika uyakwazi ukuzibonela amabhubesi lapho egcinwe khona.

futhi iNingizimu Afrika inikana amathuba amahle kakhulu okubona amabhubesi endaweni yawo yemvelo.