Large-Spotted Genet
Insimba Emabala

© Nigel Dennis

Igama

Insimba emabala noma i-Cape Genet [Genetta tigrina]

Ibonakala kanjani

Insimba emabala inobude bamahlombe obuwu-210mm, nakuba lolu hlobo lunemilenze emifishane. Umzimba omude mude ngo-460mm nesisindo esiwu-1.6kg. Umsila owugqinsi oyindilinga omnyama nokumhlophe uwu-400mm ubude. Mafishane amazipho, ayabonakala kanti awokucaca izihlahla. Ngaphansi inemigqa yamabala ansundu nokumnyama. Izindingiliza ezimnyama zihlangana zibe yimigqa emqaleni. Simhlophe isisu.
Inamabala amhlophe ngasemlonyeni, ekhaleni nangezansi kwamehlo. Le nsimba ididaniseka nensimba emabala amancane, umehluko kube wumsila omhlophe ecosheni kwencane kunombala omnyama kwemabala makhulu. Omunye umehluko oqaphelekayo, ngamabala amnyama kuphela angenambala onsundu kwemabala mancane.

Zidlani

Ukudla kwayo okuningi ngamagundwane nezinye izilwane ezincane ezidla izinambuzane, kuthi izinyonka namaxoxo kube ngokunye ukudla ezikudlayo. Izilwane ezingenamgogodla wokunye ukudla okuncane ezikudlayo. Nezithelo ziyazidla.

Zizalana kanjani

Zivame ukuzala ngezinyanga zasehlobo. Insimba emabala izala amazinyane amathathu ngemva kokumitha izinsuku eziwu-70. Izimpawu zikhomba ukuthi amazinyane ahlala esidlekeni esingekho emgodini kuze kube ayalunyulwa ekunceleni.

Ziphila kanjani

Ziphila ngazodwa, zibe wumhlambi ngesikhathi sokukhwela. Zithanda izindawo ezinamahlathi namanzi, ikakhulu amahlathi acinene. Amahlathi acinene namanzi yizidingo-ngqangi kuzo.

Zitholakala kuphi

Insimba emabala itholakala eNingizimu Afrika yonke, kusukela ogwini oluseningizimu kuya kolusempumalanga KwaZulu-Natali, eMpumalanga naseLimpopo kuye kufinyelele emazweni angomakhelwane.

Eminye imininingwane

Kuhlukene ukudla kwazo kanti zidla notshani obuzisiza zikwazi ukugaya ukudla nokukhipha inyongo.