Izifo Zonogwaja

© Judy Stuart

INingizimu Afrika ingenye yamazwe ambalwa emhlabeni angenazo izifo ezimbili ezinkulu ezikwazi ukubulala izinombolo ezinkulu zanogwaja ngokushesha. Lezi yi-myxomatosis kanye nesifo segazi esiyingozi. Ngenxa yalesi sizathu, ukungenisa kwanogwaja kusuka kwenye indawo emhlabeni kuvinjelwe ngokuphelele. Asikho iselapho salezi zifo futhi zombili lezi zifo zisakazwa yizinambuzane njengomiyane nangomoya.
ENingizimu Afrika, sinonogwaja osengozini yokushabalala kakhulu obizwa ngokuthi unogwaja omfula. Bambalwa labonogwaja bomdabu futhi uma ngabe izifo lezi zifinyelele kubo, bathole igciwane, abanakho ukuzivikela futhi bazofa. Onogwajo bendabuko abasoze befe kuphela kodwa onogwaja abafuywayo ezweni bangabe besengozini yokuthola isifo esingelapheki.
Imfihlo yokuba onogwaja bebenempilo ehlanzekile ikuhlanzeka nokudla okuhle. Amakheji angcolile, umchamo nomquba uyoholela ukuqhamuka kwe-coccidiosis. I-coccidiosis iyinambuzane engokwemvelo ekhona emzimbeni abo bonke onogwaja, kodwa kuphela endaweni engcolile iyoba yinkinga.
I-coccidiosis ibonwa ngonogwaja ehlezi ehlongoze phezulu, enesisu esivuvukile namehlo abomvu. Uzoba nokukhipha kwempumela eyintikintiki evelesiswini. Isalfa encibilekileyo ingafakwa emanzini okuphuza (funda imiyalelo ephaketheni lomkhiqizo). Uma uphathwe ngokushesha nge-coccidiosis ngokwanele kungelashwa.
Hambisa bonke onogwaja abagulayo endaweni engaphandle kwalabo ababuqemane njalo uhlanze amakheji kahle. Uma unogwaja esendlwaneni yensimbi yokugcina izilwanyana, ihlambulule nge-thoshi eqhumayo. Izindlwana zenkuni zingahlanzwa nge-Jeyes Fluid solution (noma isihlanzo esfanayo) futhi ashiye eqondene nelanga ukuze ome.
Susa konke okuphakelayo, ilusene nemifino bese unikeza ihhoyi kuphela ehlanzekile kuze kube yilapho unogwaja sekahle. Qinisekisa ukuthi amanzi amasha anokutholakala.
Ngokuvamile ukuqumba kubangelwa imifino efehlekile noma ushintsho ekudleni. Phinda futhi, susa konke ukudla ngaphandle kwehhoyii elihle namanzi. Khuthaza unogwaja ukuhamba ngokuwubeka egcekeni lamachwane. Ukukhanya kwelanga okuncane kuyokwenza futhi unogwaja ezizwe kangcono futhi ehambe kalula. Lokhu kuzoholela umoya uvimbe usinga lwethumbu kuhambise nokunciphisa noma yikuphi ukucindezelwa.
I-entryitis ingabulala ngokushesha kakhulu. Ivame ukuhlasela izilwane eziningi emhlambini kanyekanye bese ibulala kungakapheli amahora angamashumi amabili nane.
Kubonisa umasheleshele onephunga kakhulu futhi unogwaja ngokuvamile uhlezi ohlangothini lwawo nekhanda layo emuva, ephefuzela. Ukungenela okusheshayo kubalulekile. Zama ukondla amaqabunga amajikijolo asendle ngokushesha lapho kutholakala ukugula, futhi uma lokho kungapheli-kubiza udokotela wezilwane.
Amathumba angabangelwa amanxeba amancane noma ngokuhlaselwa ngomunye unogwaja. Amathumbu aqala njengesigaxa ngaphansi kwesikhumba esinzima kakhulu ekuthinteni ekuqaleni. Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, indawo emnyama ibonakala ebusweni futhi iyancipha.
Geza indawo ngomuthi wokuhlanza kanye nommese obukhali, usike indawo emnyama. Ubovu obuncane buphuma futhi lokhu kufanele kumiswe ngokuqinile kuze kube yilapho ingasaphumi.
Gcwalisa umjovo ngophesenti owodwa we-hydrogen peroxide bese ujova isilonda. Lokhu kuzokwenza ukuthi ukugcina kwebovu kukhishwe futhi kuhlanze indawo. Hlola izinsuku ezimbalwa ukuze uqiniseke ukuthi awuvuseleli.
Umbhobo wentuthu (umkhuhlane) konogwaja uvamile. Gcina unogwaja endaweni engenawo umoya kude kunabanye bonke onogwaja. Elapha nge-antibiotic uma umkhuhlane uqhubeka. Izeluleko zadokotela wezilwane kungaba umqondo omuhle uma kukhona ukuqhuma okukhulu.
I-Pasteurella ibonakalisa ngendlela efana nomkhuhlane kepha unogwaja uzothimula kanzima namafinyela azobambelela ekhaleni layo. Ingaphakathi lezinyawo zangaphambili lizoboshwa ngamafinyela ngokusula ubuso ukuze ususe ekhaleni. I-Pasteurella isakazekile futhi isisombululo esihle kakhulu yikukhipha unogwaja onesifo ngaphambi kokuba sihlasele umhlambi.
Imaloclussion kwamazinyo kuyinkinga enkulu futhi kungenziwa ngenxa yokulimala noma izakhi zofuzo. Amazinyo anogwaja akhula njalo futhi uma engahlangabezane kahle (amazinyo aphezulu nangaphansi kufanele ahlangane), aqhubeka ekhula.
Lokhu kubangela ukuthi unogwaja angakwazi ukudla futhi uzoba esenhlungwini enkulu. Amazinyo angafaswa, kodwa lokhu ngeke kuxazulule inkinga. khipha noma yimuphi unogwaja otholakala ne malocclusion. Kuyinto enhle kakhulu ukuyenza.
Isifo esidla izindlebe sibangelwa isibungu esihlala endlebeni kanogwaja. Kubangela ubuhlungu obukhulu futhi kubonakala njengoqweqwe onsundu esisekelweni sendlebe, okuthi, uma sishiywe, singagcwalisa indlebe yonke.
Izilonda ngaphansi kwezinyawo. Lezi zilonda zingaba ezinyaweni zangaphambili noma ezingemuva futhi zivame ukubangelwa iphansi ebuhudluhudlu ezinyaweni.
AmaRex (okuzalelwa izinhloso zimbili) ajwayele ukuhlaselwa izilonda kalula ngaphansi kwezinyawo kufanele njalo zibe nophahla lokuphumula nokulala enenziwe ngotshani. Izitezi eziqinile zingcono kakhulu kumaRexes. I-Gentian Violet ingafafazwa enxebeni ukuze lome.
Amehlo ajulukayo noma anegciwane angaphathwa ngetiye le-chamomile noma i-Terramycin esamphushana, etholakala kwadokotela wezilwane.
Isigcizelelo kuyimbangela enkulu yezifo kubonogwaja. Abanogwaja abanelisekile abavame ukugula. Gcina onogwaja bakho kude nezilwane ezidliwayo kanye nomsindo futhi konke kufanele kube kuhle.
Uma benesigcizelelo nganoma yisiphi isizathu, amaconsi ambalwa ekhambi lokusindisa okulungisa emanzini kanye nendawo ezolile kuzosiza. Ezimweni ezimbi kakhulu, engeza ugologo kuthisipuni egcwele ubisi olufudumele.
Ukushisa kakhulu nakho kubulala onogwaja kakhulu. Uma onogwaja bakho bashisa kakhulu (ngaphezulu kwamashumi amabili nanhlanu zingakushisa) bazohluleka ngokushesha.
Ukuphefumula kuyakuba nzima futhi bayoba manzi kakhulu emzimbeni. Fafaza phansi ngamanzi abandayo bese unikeza ibhodlela eligcwele amanzi afriziwe ukuze unogwaja eyame.

Translated by Nsika Khoza