yiSimangaliso Wetland Park

© Roger de la Harpe

Ukuthi Shazi iSimangaliso

"I-Wetland Park kufanele ibe yindawo eyodwa emhlabeni wonke lapho isilwane esidala emhlabeni jikelele (ubhejane) nesilwane esikhulu emhlabeni wonke (indlovu) yabelana ngesimiso semvelo nezinhlanzi ezindala kunazo zonke emhlabeni (i-coelacanth) kanye nesilwane esikhulu esimuncisayo emhlabeni wonke (umkhomo)." - UNelson Mandela
I-iSimangaliso Wetland Park yabizwa ngokuthi indawo yokuqala eyigugu eNingizimu Afrika ngo-1999 futhi ibaluleke kakhulu emhlabeni jikelele njengendawo yemvelo, izinto eziphilayo ezibalulekile kanye nendawo yezinqubo eziphilayo ezibalulekile.
Ipaki ingamahekthera angu-332,000 njalo iqukethe izinhlelo ezintathu zezilwandle ezinkulu, izinhlelo zokuphila eziyisishiyagalombili, imvelo yokudoba eneminyaka engamakhulu ayisikhombisa, amahlathi amaningi aseNingizimu Afrika asele, uhlelo lolwandle olukhulu kunazo zonke e-Afrika, nezinyoni ezingu-526 nendunduma yomhlabathi eneminyaka engu-25 000.
Ipaki ilawulwa yiSimangaliso Wetland Park Authority ngokubambisana ne-Ezemvelo KZN ephethe izingxenye ezihlukahlukene zokuvakasha kanye nesici sokulondoloza, kanye nabathintekayo bendawo, njengabomphakathi baseBhangazi, abafika kuqala ngasogwini lweMpumalanga. Uhlelo oluyinkimbinkimbi elifuna ukulinganisela phakathi kokulondolozwa kanye nezinzuzo emiphakathini yendawo. Njengalokhu, kuyisibonelo sokuthi amapaki e-Afrika azosebenza njani esikhathini esizayo.
Ukuthuthukiswa kweSimangaliso kuyoqhubeka. Amahektha angaphezu kuka-14 000 emasimini ezentengiselwano asusiwe futhi umhlaba uvuselelwa. Izilwane ezifana nezindlovu, ubhejane omnyama nomhlophe, inyathi, ingulule nenja yasendle kuye kwavuselelwa.Akunzima ukubona ukuthi kungani ibizwa ngeSimangaliso.

Translated by Nsika Khoza

Ixhaphozi Namachibikazi eSimangaliso

Lokho esikjwayele ukukwazi ngokuthi iSt Greater St Lucia Wetland Park yaKwaZulu-Natali sekubizwa ngokusemthethweni iSimangaliso, 'indawo yok...more

Indlu yangasese eSimangaliso Wetland Park nombono

Indlwana yokulala ebizwa Mziki ese-iSimangaliso Wetland Park eyakhiwe njendawo yokubuka kanye nokubheka izitha yiqembu lokuzingela le Catal...more

Indawo Eyigugu Lomhlaba-iSimangaliso

I-Greater St Lucia Wetland Park, manje esibizwa Simangaliso Wetland Park, yabizwa ngokuthi Yigugu lomhlaba ngo-1999....more