Indawo Eyigugu Lomhlaba-iSimangaliso

Okukhethiwe i-Unesco

©Roger de la Harpe
I-Greater St Lucia Wetland Park, manje esibizwa Simangaliso Wetland Park, yabizwa ngokuthi Yigugu lomhlaba ngo-1999. IKomidi lase-Unesco lanquma ukufaka phakathi imingcele ezindaweni ezimbili ezivikelekile zasolwandle (eSt Lucia naseMaputaland olwandle). Izindawo eziyishumi nanye ezingekho emanzini ( I-Maphelane Nature Reserve, iSt Lucia Park, ihlathi lase-Eastern Shores State, i-Cape Vidal State Forest, i-Nyalazi State Forest, i-False Bay Park, i-Sodwana State Forest, i-Swaziland Bay National Park, i-Lake Sibaya Freshwater Reserve, i-Coastal Forest Reserve kanye neKosi Bay Nature Reserve).

Ipaki Lokubaluleka Kuzwelonke

©Roger de la Harpe
ISimangaliso Wetland Park, ibhalwe njengeNdawo eyiGugu loMhlaba hhayi nje ngenxa yamabhishi ayo anofudu okubaluleka, kodwa ngenxa yezinhlobonhlobo zayo ezihlukahlukene, ubuhle bayo bemvelo nangenxa yezinhlelo eziyingqayizivele eziphilayo nokuhluka kwazo.
Ipaki lakhiwe ngemvelo emihlanu ehlukene ( okunikeza izindawo zokuhlala ezihlukahlukene kakhulu zezinto eziphilayo): uhlelo olusogwini nolwandle, amahlathi asempumalanga, izinhlelo zasolwandle kanye namachibi, amaxhaphozi aseMkhuze River kanye nomunga ogwini olusentshonalanga. Kanti lezi zinhlelo zemvelo zinezindawo zokuhlala ezincane kakhulu ezinjengomhlume, unqenqema lwamatshe, namahlathi eraffia-palm.

Igugu Lomhlaba Enifanelekile

©Roger de la Harpe
Akukhona kuphela ukuhlukahluka komhlaba okwenza iSimangaliso ifanele ukuba yigugu lomhlaba. Kunezinhlobonhlobo ezihlukahlukene zezitshalo (izinhlobo ezingu-2 185 eziqoshiwe), izilwane ezincelisayo (izinhlobo ezingu-129), izilwane eziphefumulayo (128), ukuphila kwezinyoni (526) nezinhlanzi (1,039). Lezi zibalo zisitshela ukuthi kungani ukulondolozwa kwepaki kubaluleke kakhulu emvelweni. Kodwa kulowo ovakashelayo umkhathi othile, ukuhlanganiswa kwezilwandle zasendle kanye nomhlaba kuleli kona leMaputaland, elithandekayo kakhulu.
Uyaphuma egumbini logatsha bese ugijimela ogwini ngokusebenzisa indunduma yomhlaba ephoqa iziqu zawo emoyeni njengezinyoni, nemvula eningi. Ngaphambi kokunyuka. .. ulwandle olufudumele, oluqukethe izinhlanzi,noshaka nezinhlobo ezintathu zofudu.Ngokujula, kunesigoxi esikhulu esisikwe umfula. Uhambahamba kusebe lolwandle oluqukethe inkala. Amafu aphansi, ahlotshiswe uthingo lwenkosazana.Umkhomo nawo ukhona endaweni.

Ukubuka Izinyoni

©Roger de la Harpe
Kamuva uhamba ehlathini enameva (Zizyphus mucronata), ama-mahogany aseNatali (i-Trichilia dregeana) kanye ne-pigeonwood (i-Trema orientalis) enezintambo. Ama-strealzi ogwini (Strelitzia nicolai) adonsela amakhanda phezulu. Uma ubheka izinyoni zehlathi ezingenakulinganiswa, uzwa umhushuzo: yinkawu nje kuphela noma ingwejeje ebomvu yaseTonga. Kodwa ekuseni ubona ama-twinspots ahlaza, ama-turacos enombala obomvu ne-African emerald cuckoos.
Emuva kwendunduma yesihlabathi kukhona imfunda ene-lala (i-Hyphaene coriacea) nezasendle (Phoenix reclinata), ehamba nobhejane nezindlovu.Phandle emathafeni, umgakla udlulela emotweni yakho. Udlula umziki omningi okungenzeka ngaphezu kunongakubona noma ikuphi e-Afrika.
Ebusuku uhamba emaphethelweni amaxhaphozi.Umhlume oxinayo, amachaphachapha amaphiko, ukukhononda okungenakuqhathaniswa kwe injini engaphandle. Ngisho echibini nomakuphi likushiya ngokubuhlungu ukubona izingodo ezinamazinyo nemiphongolo. Ngokuzumayo isibhakabhaka esibomvana sigcwele amakholwane angu-10 000 ashintsha umbala wendawo.

Translated by Nsika Khoza