Imbaxa yaseMapungubwe

Amazwe Amathathu Ahlangana

©Roger de la Harpe

Okuqakathekileyo kwepaki yinhlangano yemifula u-Limpopo ne-Shashe, indawo lapho amazwe amathathu ahlangana khona. Ukuze ubuke kahle indawo, ipaki yakhele uchungechunge lwamapulatifomu amakhulu enziwe ngokhuni phezulu kweqele eniphakeme ebuka phezu kwendawo.

Uma umile phezulu kogoma, iBotswana iyakwesokunxele sakho futhi iZimbabwe ingakwesokudla sakho. Isikhonkwane somdabuli esincane esimhlophe esiqhingini esincane phakathi kwembaxa ibonisa iphuzu eliqondile lapho amazwe amathathu ahlangana khona. Kodwa kusukela emaphandleni, phezulu ngenhla yesehlakalo, ukubaluleka kwalezi zimingcele ezingavinjelwe zombusazwe kubonakala sengathi kuphelelwa yinto engelutho. Ziyizindlela nje ezikhona kuphela emabalazweni nasezingqondweni zabantu.

Kunalokho, lokhu kungumhlangano wemifula emibili emangalisayo. Ukusika ngaphakathi ethafeni kusukela empumalanga kuya entshonalanga umfula 'oluhlaza onembicimbici' u-Limpopo, njengo kusho kwaRudyard Kipling. Ukusuka enyakatho kunesihlabathi esikhulu seShashe, esihamba kuphela uma sehla ngozamcolo. Ngolunye usuku, lapho ucingo luphukile, izilwane zasendle zizokwazi ukusetha kabusha amanye amaphethini abo okwemuka kuwo wonke lo mzila obalulekile wamanzi.

AmaPikiniki Nendawo Zokubukela

©Roger de la Harpe

Imbaxa nayo indawo yepikiniki yezivakashi zosuku. Kunamatafula amaningi namabhentshi akhiwe ngaphansi kophahla lotshani, futhi kukhona isitolo esincane esiqashisa u-gesi wokosa. Isitolo kufanele futhi sithengise izinto eziyisisekelo ezifana neziphuzo ezibandayo nokudla okulula, kodwa akuzange kuvulwe lapho ngilapho.

Kunezakhiwo ezakhelwe ukubuka (ukuphuma kwelanga,ngokukhulu, imbaxa nokushona kwelanga) futhi ngayinye inikeza imibono emangalisayo phezu kwembaxa. Isimo sinoxolo futhi uma uthula, ungase uzwe ukukhenceza kwezinsimbi zezinkomo ezikhuphuka zivela eZimbabwe.

Ngakolunye uhlangothi lwesayithi lepikinikini kungenye indlela eholela endaweni ephezulu yokubuka (Pinnacle Deck). Lo mbono ubheka ngaphezulu kwepaki; indawo ebomvu, egcwala izigodi nezihlahla. Nakuba kungeyona into emangalisayo njengokubuka kwembaxa, kufanelekile ukuhamba okuncane.

Translated by Nsika Khoza