Honey Badger
Insele

© Karl Svendsen

Igama

Insele [Mellivora capensis]

Ibonakala Kanjani

Ubude bensele bungama-220 mm Kanye nesisindo esingaba ngu-12 kg. Inoboya obude obuqinile, obumpunga obuqala ezansi kwamehlo buze bufike emsileni. Inamehlo agqame ngobumnyama ngezansi. Umzimba wensele ongezansi uhuduleka phansi, inamadlebe amancane nezinyawo ezimfishane bese ibanezinzipho ezinde ezisebenzisela ukumba imigodi kanti futhi zibuye zibenze njengesikhali. Isilwane esihamba phansi kodwa siyakwazi ukucaca isihlahla umasihehwa uju lwezinyosi.

Zidla Nhloboni Yokudla

Insele idla inyama, ikhonze izilwane ezincane njengamagudwane nezinye. Izingela izilwane ezinkulu njengezinyoka. Kwezinye izinkathi ziyazisiza ngokudla okuzingelwe ezinye izilwane. Ukuthi ziyaludla yini uju lwezinyosi ucwaningo olungakaphothulwa. Kuvela ukuthi ziyeziye esidlekeni sezinyosi ziholwa Izinyoni ezikhombisa uju. Izinzipho zangaphambili kufanele ukuba izona ezizisebenzisayo uma zidla uju.

Mayelana Nokuzala

Insele izala noma ngabe inini, unyaka wonke zizala amathole abemabili. Uphenyo olenziwe ekalahari lukhombisa ukuthi umama ukhulisa amathole aze abenezinyanga eziyishumi nane ngaphambi kokuba akwazi ukuzimela. Kepha iEurasian badger igcina ukukhulisa amathole emuva kwezinyanga ezintathu.

Indlela Eziphila Ngayo

UJames Stevenson-Hamilton umqaphi wokuqa eKruger National Park wabika iziqephu ezimbili lapho insele yabonakala ihlasela inkonkoni Kanye ne phiva ishaya ezindaweni zangasese. Zafa zombili lezizilwane ngenxayokulimala. Kuyinto eyaziwayo ukuthi lesilwane sinamandla kanti futhi siyakwazi ukuzilwela. Insele isilwane esihlalasisodwa sihamba phansi kancane sihogela imigodi yezinyoka, imizila yamagundane nephunga elishiywa ezinye izilwane.
eNingizimu neKalahari insele iyashintsha izingele ebusuku ehlobo, kuthi ebusika izingele emini. Ezindaweni lapho izinsele zithikamezwa abantu ziphuma ebusuku kuphela.

Izindawo Zokuhlala

Insele iyakwazi ukuhlala ezindaweni eziningi ezahlukahlukene. Izindawo angakwazi ukuhlalakuzo kusogwadule lapho kushisa khona kakhulu nezindawo ezithola imvula engaphezu kwa- 2000mm ngonyaka.

Zitholakala Kuphi

Zitholakala kulolonke izwe lase Ningizimu Afrika ngaphandle kwase North West nasogwini.

Izilwane Eziyingozi Kwinsele

Ivamise ukubulawa iNgwe neBhubesi. Imibala yayo esemhlane iba uphawu kwezinye izilwane elixwayi ngamawayo nokuzilwela kwayo.

Amaphuzu Abalulekile

Insele kubonakala ngathi awuyenzilutho ushevu wenyoka, yake yabonakala ilunywayinyoka enoshevu oyingozi kakhulu nakuba yakhombisa ukuzwa izinhlungu kepha kwathi emuva kwamahora amahlanu yayisipholile. Ukungawuzweli ushevu wezinyoka kungadalwa ukuthi idibana nezinyoka ezilwa ngokuyiluma.
Umzimba uze wakhe indlela yokuzivikela, ilunywa nayizinyosi kanye nezivemvane. Izinsele ezincane zivekela omama bazo ukuthi zingalunywa izinyoka zize zifike ezingeni lapho ezikwazi ukuzivikela khona.