Hedgehog

© Roger de la Harpe

Igama

Ingungumbane (Atelerix frontalis)

Ibonakala kanjani

Izingungumbane ziyizilwane ezincane ezidla izinambuzane. Zibonakala ngobuso obucijile namava amafishane, ahlabayo emhlane, azisiza ukuzivikela ezitheni. Ikhanda nomzimba kuwu-200mm nomsila omfishane owu-20mm.

Zidlani

Izingungumbane zidla izinambuzane ezinjengamabhungezi namaqhwagi. Ziyawadla namagundwane amancane, amaqanda ezinyoni nawezinkukhu, amaxoxo nezigcibilisha. Nezitshalo eziswakeme namaveji ziyawadla ngesinye isikhathi. Sengathi aziwaphuzi amanzi.

Zizala kanjani

Isikhathi sokuzala siqala ku-Okthoba kuye ku-Ephreli. Amachwane akhona akhuliselwa ezidlekeni noma emigodeni elekwe ngamahlamvu omile namabibi. Isikhathi sokumitha ngamasonto amahlanu kuye kwayisithupha, kanti kuzalwa ichwane elilodwa kuye kwayisishiyagalolunye.
Amachwane awanaboya futhi awaboni uma ezalwa. Ngaphansi kwesikhumba emachwaneni, ameva asuke esobonakala enosuku kanti ameva angempela amila ngemva kwamasonto amane kuya kwayisithupha ezelwe. Alunyulwa ekuncelni esenemasonto amahlanu.

Ziphila kanjani

Izingungumbane zihamba ebusuku futhi ngazodwana.

Zihlala kuphi

Izingungumbane zithanda izindawo ezinotshani noma izindawo ezinezingodo. Zihlala ezindaweni eziningi kodwa azizithandi izindawo ezinomswakama.